Ezintsha

Sekunjalo ngamathikithi edabhi yaseSoweto

Asephinde adayiswa aphela ngosuku olulodwa amathikithi edabhi yaseSoweto ezoba ngasekupheleni kwenyanga ezayo.

Ukudayiswa kwalamathikithi alo mdlalo ongomunye wehlezi ibhekwe ngabomvu kuleli kuqale ngoMsombuluko.

Kodwa ngoLwesibili ekuseni abesedayiswe wonke – okuyinto eqinisekiswe yi-Orlando Pirates engosokhaya kulo mdlalo.

La mathikithi edabhi yaseSoweto aqale ukudayiswa kusasele isikhathi eside ngaphambi komdlalo ukugwema ukutatazela kubalandeli. 

Kodwa ke kuyacaca ukuthi lokho akusizanga njengoba abalandeli bevele bawaphuthuma, bawathenga wonke kungakapheli nosuku ekhishiwe. 

IPirates izobhekana nomkhaya bayo abayizimbangi zayo ezindala iKaizer Chiefs kulo mdlalo ngo-Ephreli 26. 

Njengayo yonke imidlalo yedabhi yaseSoweto lo mdlalo uzoba seFNB Stadium okuyinkundla elayisha abantu abacela ku-100 000. 

Zigcina ukuhlangana lezi zinkunzi ekupheleni kukaFebhuwari, iPirates yabukisa ngalesi zimbangi zayo.

Yazibhaxaula no 3-0, okwabe sekuqala ukukhala kubalandeli besola abaqeqeshi ababambile ngokuthi abekho ezingeni elifanele. 

Okwabashubisela kakhulu laba baqeqeshi – oKhalil Ben Youssef noCedric Kaze – wukuthi baphinde bahlulwe yiRichards Bay emdlalweni olandelayo. 

Nokho ukusuka lapho iChiefs ibe seyiwina imidlalo emibili kulandelana, okupholise izinhliziyo kubalandeli.