EzintshaNedbank Cup

OweMpheni ufisa abeChiefs neBucs bezo‘bluetooth’ usizi

Lo mdlalo weNedbank Cup Last 16 uyisivivinyo esikhulu kwiMpheni. Abaningi bakholwa ukuthi ayinalo ithuba kwiSundowns. 

Nokho uPhuravhathu uthembisa ukuthi iqembu lakhe lizolwa. Leli qembu elizinze eLimpopo lidlala kwiLast 16 okwesibili. 

Ligcine ukufinyelela kulesi sigaba ngo-2022 kodwa lahlulwa ngo 2-0 yiChippa United ngaleso sikhathi.

Ekhuluma ne-iDiski Times, uPhuravhathu ukubeke kwacaca ukuthi iqembu lakhe ngeke lihlulwe ngaphandle kokulwa.

“Ngeke siyekelele. Sizolwa. Akukho okuzosilahlekela, futhi akekho osinika ithuba,” kusho yena.

“Ngeke sivele sithi bazosishaya. Sizolwa nathi. Ibhola yibhola.”

UPhuravhathu uthe ithimba lakhe selifunde iSundowns, lahlonza nobuthakathaka bayo.

“Sikulwele ukuba lapha kulo mzuliswano. Ukushaya iHungry Lions bekungelula.”

Uphinde wacela ukwesekwa ngabalandeli beChiefs nabePirates kulo mdlalo.

“Ngingakujabulela ukwesekwa yibo, kodwa angicabangi ukuthi sizokuthola. Ngethemba ukuhti bazolingeka ukuba basisekele,” kwengeza lo mqeqeshi.