EzintshaOrlando Pirates

Intandokazi yabalandeli ishelwa amanzi kwiPirates 

Lo mdlali wasesiswini ubengomunye wabadlali abavelele futhi obedlala njalo ezinsukwini zokuqala zikaJose Riveiro kwi-Orlando Pirates kodwa manje usenyamalele.

Ukulimala kukholakala ukuthi kube yisithiyo esikhulu kuMiguel Timm ongakaze adlale ngisho nowodwa umdlalo kule sizini.

Futhi manje amahlebezi aphakamisa ukuthi le kilabhu yaseSoweto ingase ingayivuseleli inkontileka yakhe uma iphela ngoJuni.

Ubevele evuselelwe ngonyaka owodwa ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe yokuqala ngoJuni nyakenye, manje iqembu selizomkhulula. 

Imithombo ithi iPirates ibheke ukuvuselela isikwati sayo ngabadlali abasebancane nabanomdlandla kanti uTimm kungenzeka angabi yingxenye yezinhlelo eziya phambili.

Ukudlondlobala kukaThalente Mbatha odlala indawo emaphakathi nenkundla noMakhehleni Makhaula kusho ukuthi uTimm oneminyaka engu-33 ubudala unamathuba amancane okudlala. 

Kukhona noGoodman Mosele osanda kubuyela eqenjini ngemuva kokulimala isikhathi eside kanti udlala kahle futhi angase abambe iqhaza eligqame kakhulu ngesizini ezayo.

Kukhona nabanye abadlali abasebancane abafana noSelaelo Rasebotja noSiphelo Baloni okumanje ubolekiswe kwiChippa United.

“UBaloni wenza kahle kwiChippa futhi usezuze isipiliyoni seBetway Premiership okuyilokho iqembu ebelikufuna ngesikhathi limbolekisa.

“Uzobuya ngesizini ezayo kanti uMosele usevele eseqenjini, noRasebojta uyangqongqoza kule ndawo. Le ndawo ikhaveke kahle kwiPirates.

“Akukaze kube nezingxoxo zokuvuselelwa kwenkontileka kaTimm ngokwazi kwami futhi akubukeki kukuhle kuye,” kusho umthombo.

IPirates ivele isebenzisa abadlali abasebancane ezindaweni eziningi kule sizini njengoba kuthiwa ilungiselela ikusasa. 

Nokho kuzodinga ukuthi ihlanganise kahle abanamava nabasebancane ukuze bakwazi ukukhuliseka kahle, bajwayele kuleli zinga eliphezulu futhi elinengcindezi.