
OweKaizer Chiefs uveza umbono ngamahlebezi ngoNabi
Umdlali wasemuva kwe-Kaizer Chiefs uDillan Solomons ufisa bengayingeni eyezinkulumo eziqhubekayo nomqeqeshi uNasreddine Nabi.
UDillan Solomons unxusa ozakwabo ukuthi bakhohlwe amahlebezi aqhubekayo ngaphandle, babheke umsebenzi abawuzele eNaturena.
Abhebhetheisa okomlilo wequbula amahlebezi ngekusasa likaNasreddine Nabi kwi-Kaizer Chiefs kusukela kwavela umbiko othi abaphathi abajabule ngaye.
UNasreddine Nabi uyichithile le mibiko wathi ikhomba ukungahloniphi yena siqu sakhe nomsebenzi awenzayo kwi-Kaizer Chiefs.
Ngaphansi kobuholi bakhe, Amakhosi asenqobe iNedbank Cup, kodwa adonsa kanzima ukungena kwiTop 8 yeBetway Premiership.
USolomons uvumile ukuthi lezi zinkulumo eziqhubekayo mayelana nokuhamba kukaNabi ziyaphazamisa, kodwa wagcizelela ukuthi iqembu ligxile emisebenzini yalo.
“Abantu bayakhuluma impela,” kusho uSolomons eNaturena Village ngoLwesithathu.
“Kodwa akukho esingakwenza ngabantu abakhulumayo nabakushoyo.
“Kufanele nje senze esingakwenza, futhi lokho wukuza ejimini, senze umsebenzi wethu, nokukhombisa umqeqeshi ukuthi silapha ukuzosebenza.
“Yilokho kuphela esingakwenza. Njengeqembu, singalawula kuphela lokho esingakulawula.
“Uma abantu bekhuluma ngaphandle, lowo ngumbono wabo, futhi sizobona sekwenzeka.”
USolomons uphakamise ukuthi bazolinda ikilabhu ukuthi kube yiyo enikeza umyalelo futhi bona abangakwenza wukusebenza enkundleni.
“Asazi ukuthi kwenzakalani. Esingakwenza nje ukuza lapha eNaturaena sifike sifake amandla emsebenzini wethu.”
Lezi ziqhwaga zaseSoweto zisempini enzima yokungena kwiTop 8 ukuze zikwazi ukudlala kwiMTN8 ekuqaleni kwesizini ezayo.
Ukuthi izogcina ikwazile yini ukungena emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kuzocaca ngemuva komdlalo wayo wokugcina.
Wukunqoba kuphela uma isibhekene nePolokwane City okungayibeka ethubeni lokukwenza lokhu, ivike ihlazo lokuhluleka amasizini amabili kulandelana.
