EzintshaKaizer Chiefs

OweChiefs uveza okubanika ithemba ngo-Ighodaro 

Ngemuva kokuchitha amasonto engadlali ngenxa yokulimala, lo mgadli oneminyaka engu-24 ubudala udlale umdlalo wakhe wokuqala bedlala ngokulingana neSiwelele FC ngesonto eledlule. 

Kodwa kube kwiCaf Confederation Cup lapho ezethule khona kuMakhosi ngokushaya igoli lakhe lokuqala ngesikhathi iChiefs ishaya i-AS Simba ngo 3–1 ukuze izibekisele indawo esigabeni samaqoqo.

Ngaphezu kwegoli, indlela u-Ighodaro adlale ngayo idonse amehlo abalandeli nabaqeqeshi – wakhombisa ukuthi angase abe wumdlali ekade bemfuna. 

Umqeqeshi uCedric Kaze ubegcwele ukuzidla ngalo mgadli waseNigeria, amchaze njengomgadli oyivelakancane nonakho konke abakudingayo.

“Kwesinye isikhathi akulula ukuthola lolu hlobo lomgadli,” kusho uKaze. “Ungumshayimagoli, kodwa futhi uyasiza uma siqala ukumaka phambili. 

“Uyakwazi ukubamba ibhola phezulu bese evumela iqembu ukuthi liye phambili — into ebesishoda ngayo.”

UKaze wengeze ngokuthi ukuba khona kuka-Ighodaro kunikeza iChiefs indlela ehlukile yokuzihlela enkundleni. 

“Phambilini, ibhola beliya phambili bese lisilahlekela ngokushesha, obekusiphoqa ukuthi sivale emuva futhi. Ngaye, sesingakwazi ukwakha iminyakazo yethu kangcono,” kuchaza lo mqeqeshi.

Lezi ziqhwaga zaseSoweto sezinbhekise amehlo azo kwiBetway Premiership, lapho zizobhekana khona neDurban City ngoLwesihlanu ebusuku eMoses Mabhida Stadium.

“Nginethemba elikhulu,” kuqhuba uKaze. “Kufanele sakhele phezu kwalo mfutho. 

“Akubanga kuhle ngoba sishaye amagoli nje kuphela — ukusebenza kukonke bekukuhle. Manje kufanele siqhubeke kulokho.”

Kuzomele izibambe ziqine ke nokho kwiDurban City kwazise imabokoboko ngemuva kwenduku yomkhaya bayo muva.

Leli qembu likaGavin Hut lizobe libheke ekubuyiseni umqgigqo wao wokuqina ngalo mdlalo walo wasekhaya.