EzintshaKaizer Chiefs

OweChiefs ucacisa okuvimbe abadlali abasha

Ukungabonakali eqenjini koNkanyiso Shinga, u-Ethan Chisslett noFlavio Silva yinto eyichashaza elibi ngaleli qembu kwazise babhekwe ngabomvu.

Phela bonke laba badlali bafike kwanesasasa elikhulu ngabo, kunconywa ithalente labo nokuthi bazokwengeza izinga eliphezulu eqenjini. 

Kodwa kuze kube manje bobathathu abakadlali. Okukhungathekisa kakhulu ngesimo sabo wukuthi abazange benze kahle emidlalweni yeqembu yokuzilungiselela isizini. 

Umgadli, uDa Silva, uthole ukugxekwa okukhulu njengoba abanye babalandeli bekubeke kwacaca ukuthi abamboni esiza leli qembu ngamagoli. 

UChisslett naye akukho simanga esibonakale kuye. UShinga nguye obonakale engcono kulaba abathathu abasayinwe besuka phesheya. 

Lokhu kwenze kwabukeka sengathi abadlali nje yingoba iqembu selibonile ukuthi akukho okutheni abazolenzela kona. 

Nokho iphini lomqeqeshi, uKhalil Ben Yousseff seliveze ukuthi yini eyenza laba badlali bengabonakali kule midlalo emithathu esadlalwe Amakhosi. 

“UShinga usekulungele ukudlala ngoba uselitholile ikhadi lakhe, kodwa kusamele asebenze ekutheni abe fithi ngokwanele. 

“Usenomsebenzi awenza nomqeqeshi uMadji Safi (ololonga imizimba yabadlali),” kusho uBen Youssef ngoLwesibili.

Ubebuzwe ngalaba badlali ngemuva komdlalo weChiefs la ishaye khona iRichards Bay ngo 1-0 eFNB Stadium ngoLwesibili ebusuku. 

“USilva yena uthole ikhasi lakhe izolo (ngoMsombuluko) kodwa bese kwephuze kakhulu ukuthi singamfaka eqenjini lomdlalo ngoba bese siqede konke ngamacebo alo mdlalo.

“Lo omunye, u-Ethan yena ubegula ngesonto elidlule ngakho akazange ajime neqembu ngaphambi kwalo mdlalo, yingakho engekho nathi namuhla. 

“Kodwa bonke sebevumelekile kuthi bengadlala,” kwengeza leli phini lo mqeqeshi eliqinisekise nokuthi uNasreddine Nabi uyabuya kuleli sonto. 

Ukuqinisa phambili, iChiefs seyiphinde yasayina u-Etiosa Ighodaro noLuke Baartman njengoba ilwela ukubuyisa isithunzi sayo kule sizini.