EzintshaOrlando Pirates

BUKA: IPirates ingompetha, iqede isomiso seminyaka engu-14 

I-Orlando Pirates ekugcineni isingompetha beBetway Premiership — kanti iqede isomiso seminyaka engu-14.

AmaBhakabhaka aqede isizini yamaphupho ngoMgqibelo ngokuhlabana ngesicoco seligi.

Lesi sicoco silama ezinye izindebe ezimbili okuyiMTN8 neCarling Knockout ezinqobe ngasekuqaleni kwale sizini.

Le mpumelelo iphawula isizini emnandi yokuwina kathathu kulezi ziqhwaga zaseSoweto.

I-Orlando Pirates inqobe i-Betway Premiership ngokushaya i-Orbit College ngo 2-0 ngoMgqibelo ntambama. 

Naphezu kokulawula umdlalo, ikuthole kunzima ukuthola igoli.

Kodwa inhlanhla igcine ivelile kumaBhakabhaka ngaphambi nje kwekhefu.

Unozinti we-Orbit, uSabelo Nkomo, uvele walixhimfela enethini yakhe. 

Nelesibili libe umkhonto ogwaza ekhaya ngesikhathi uNdumiso Ngiba elishaya layongena enethini yangakubo. 

Buka bethatha le ndebe: https://www.tiktok.com/@lisenethinisa/video/7643110519594831111

EZISHISAYO | Cofa lapha usithole kuWhatsApp