Ezintsha

OweGallants akakwenqeni ukucija abadlali abadala kunaye

Iqoke umqeqeshi odabuka eFrance oneminyaka engu-28 nje kuphela ubudala u-Alexandre Lafitte.

ULafitte, ongumqeqeshi omncane kunabo bonke emlandweni waseNingizimu Afrika, uthi akumkhathazi ukuthi uzosebenza nabadlali abanye abadala kunaye. 

Eqinisweni nje, useke wakwenza lokho phambilini, futhi ezingeni eliphezulu, waphumelela.

Ngaphambi kokujoyina iMarumo Gallants uLafitte waba sematheni emhlabeni jikelele ngesikhathi eba umqeqeshi omncane kunabo bonke.

Lokho kwenzeke ngesikhathi ethatha izintambo kwiStade d’Abidjan yase-Ivory Coast.

Wayeneminyaka engu-25 kuphela ngoJanuwari 2023 ngesikhathi eqokwa yilezi zinkunzi.

Naphezu kweminyaka yakhe, imiphumela yakhe kuze kube manje iyazikhulumela.

Ngesikhathi esebenza eNtshonalanga Afrika, uLafitte ufake iStade d’Abidjan kwiCaf Champions League.

Uphinde wayihola ngesikhathi inqoba isicoco seligi okokuqala eminyakeni engu-56 ngesizini edlule.

Manje, njengoba elungiselela isizini yakhe yokuqala ebholeni laseNingizimu Afrika, uLafitte uyazethemba ngekhono lakhe lokuhola nokukhuthaza abadlali.

“Akuyona inkinga kimina ukuqeqesha abadlali abadala kunami,” kusho uLafitte ngesikhathi ethulwa kuleli sonto. 

“Ngike ngakwenza ngaphambili. Okubalulekile wukuthuthukisana nokusebenzisana. 

“Abadlali abadala, abanamava bayakusiza ukunqoba imidlalo, futhi ngiyakujabulela ukusebenza nabo.”

Nokho kube nokungabaza ebholeni lakuleli mayelana neminyaka yakhe nokuthi akakaze asebenze kwi-PSL phambilini.

Kodwa uLafitte uthi ulwenzile ucwaningo lwakhe ngeMarumo Gallants — wancoma isisekelo esishiywe ngobengumqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou, osejoyine i-Orlando Pirates.

“Sihlaziye imidlalo engu-10 yokugcina yeqembu — libe sendaweni yesihlanu ngokomgqigqo. Lowo ngumfutho esifuna ukwakhela kuwo,” kwengeza yena.

ULafitte uthi uhlose ukufaka ibhola elicindezelayo, elisekelwe ekuphatheni umdlalo nokudlalela engxenyeni yembangi.

Uthi uvulelekile ukusebenzisa abadlali abanamava nabasebancane abasadinga ukuqiniswa ukhakhayi. 

“Ngigxile ekuthuthukiseni amakhono omdlali nokufaka isitayela esicacile sokudlala. 

“Ibhola liyigugu kimi. Uma sisebenze ngezindlela ezifanele, singakwazi ukwenza lukhulu.”