EzintshaKaizer Chiefs

OweBafana ulibeke ngembaba elesimo seKaizer Chiefs 

Lo mqeqeshi uqoke iqembu lakhe labadlali abangu-23 ngoLwesine elizodlala emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

IBafana Bafana izobhekana neLesotho neBenin ngasekupheleni kwale nyanga, futhi akekho noyedwa umdlali weKaizer Chiefs ofakwe kuleli qembu. 

Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uRushwin Dortley, uyena kuphela obejwayele ukudlala kwiBafana kodwa okwamanje ulimele. 

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi uke wacabanga yini ukufaka umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs, uThabo Cele, impendulo yomqeqeshi weBafana Bafana ibe mfishane. 

“Ubabonile bedlala izolo (ngoLwesithathu)?. Ngeke usho ukuthi konke kuhamba kahle kulelo qembu,” kusho uBroos. 

“Uma iqembu lidlala kangcono, abadlali baba ngcono. Idonsa kanzima ngempela.

“Kodwa asithembe ukuthi, ukuze kusizakale ibhola laseNingizimu Afrika, ngonyaka ozayo izophinde ibe yiqembu elikhulu futhi elilwela isicoco.”

IChiefs kaNasreddine Nabi idlale ngokulingana neCape Town City ngoLwesithathu ebusuku kanti okwamanje isendaweni yesishiyagalombili kwiBetway Premiership.

Isanqobe imidlalo eyisishiyagalombili kuphela emidlalweni engu-21 yeligi kule sizini. 

UHugo Broos wengeze ngokuthi ukubusa kweMemelodi Sundowns akulilungele ibhola laseNingizimu Afrika. 

“Kulula kakhulu ukuthi iSundowns ibe ngompetha,” kuqhuba lo mqeqeshi ozikhulumelayo. 

“Kusasele imidlalo eyisishiyagalombili kufikwe ekupheleni kwesizini kodwa isivele ingompetha. 

“Yebo bangaqala ukuhlulwa futhi iPirates inemidlalo eyogodlile, kodwa kufanele iyinqobe leyo midlalo. 

“Ngiyethemba futhi ngonyaka ozayo ukuthi azoba maningi amaqembu azolwela isicoco njengoba amaqembu amathathu noma amane esondelene. 

“Uma iqembu lihlulwa, kufanele kube khona eligxumayo lileqe. Izinga leligi lizoba phezulu uma kunjalo.

“Okuhle engikubonayo wukuthi baningi abadlali abasebancane, hhayi emaqenjini amakhulu kuphela kodwa nasemaqenjini amancane. 

“Amaqembu afana neStellenbosch, Polokwane City neTS Galaxy ayanyuka impela kancane kancane. 

“Phambilini bebeba amaqembu aphelela endaweni yesikhombisa, yesishiyagalombili, yesishiyagalolunye noma yeshumi. 

“Kodwa manje baphezulu kunalokho kanti lokho kusho ukuthi basebenza ngendlela enhle.”