
Okwenze axoshwe kwiRaja uMzoughi wodumo kwiChiefs
IRaja Casablanca isixoshe umqeqeshi wonozinti, u-Ilyes Mzoughi, obesanda kubhekana nesimo esifanayo kwi-Kaizer Chiefs.
Uxoshwa kwiRaja nje bekusaphele amasonto angaphezudlwana kwamabili eqashwe yile kilabhu.
Kuvela ukuthi uxishelwe ukuvela kwevidiyo eveza isimo esingesihle athinteka kuso lo mqeqeshi ozakhele igama ngokuthanda abadlali.
Kubikwa ukuthi lesi sigameko sidale ukuphazamiseka okukhulu ngaphakathi eqenjini emahoreni angu-24 ngaphambi komdlalo obalulekile.
Yize ikilabhu ingakayidaluli ngokugcwele imininingwane yale vidiyo, umthelela wayo ubonakale umkhulu kangangokuthi iRaja inqume ukunqamula inkontileka kaMzoughi.
Lokhu kusho ukuphela kwesikhathi sakhe kule kilabhu enkulu yase-Afrika esesebenze kuyo isikhathi esifushane kakhulu.
Kulindeleke ukuthi iRaja Casablanca iqoke omunye umqeqeshi wonozinti njengoba izama ukushiya emuva le mpikiswano futhi igxile ekuqhubekiseni isizini yayo.
- FUNDA NALA | IChiefs iphambili emjahweni kanozinti
U-Ilyes Mzoughi ubesebenza kwi-Kaizer Chiefs kule minyaka emithathu edlule kanti ube esekhululwa uma kuphela inkontileka yakhe.
Ube eseyophinde asebenze noNasreddine Nabi owayemlethe kuleli, kodwa izinto sezisheshe zambimbela.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
