
ISundowns nesinqumo esikhulu ngoSaavedra
- Intatheli yeLISENETHINI
Indaba eshwashwathwayo njengamanje iveza ukuthi isikhathi sika-Erwin Saavedra eChloorkop siyancipha.
Lo mdlali odabuka eBolivia ukuthole kunzima ukwenza umthelela kumaBrazilians selokhu afika ngo-2022.
Ukulimala kukhinyabeze inqubekela phambili yakhe, ofike eNingizimu Afrika ethengwe ngemali enkulu kodwa wehluleka ukuveza ubukhwalithi bakhe.
Kuyamangaza ukuthi iSundowns inqume ukusebenzisa umbandela wenkontileka yakhe ekuqaleni kwalo nyaka, yengeza eminye iminyaka emibili kuyo.
Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala ubuyiselwe eChloorkop ngemuva kokubolekiswa kwiClub Bolivar kwelakubo, wahlala khona izinyanga eziyisithupha.
Nakuba uSaavedra aziswa kakhulu yithimba labaqeqeshi, abaphathi beSundowns banomuzwa wokuthi sekuyisikhathi sokumdedela lo mdlali wasesiswini ohlushwa wukulimala.
“Ngeshwa, akusebenzanga ngendlela wonke umuntu abethemba ngayo.
“Futhi ngitshele ikilabhu ukuthi isikulungele ukunqamula ubudlelwano naye ekupheleni kwesizini,” kusho umthombo ocashunwe ngabePhakaaathi.
“Ebholeni ngeke uqiniseke kuzokwenzekani, futhi izinto zingashintsha ngokushesha…
“Kungenzeka abuyele eqenjini, athole isikhathi sokudala futhi enze kahle.
“Kodwa okwamanje, inkulumo ithi uzodedelwa ekupheleni kwesizini ukuze azame kwenye indawo.”
USaavreda usadlale umdlalo owodwa kuphela weBetway Premiership kulezi zikhondlakhondla zaseTshwane.
Uphinde wadlala kabili kwiCaf Champions League bebhekene neMbabane Swallows ne-AS Maniema Union.
