EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs iphambili emjahweni wokusayinisa uLeaner

I-Kaizer Chiefs isihamba phambili emjahweni wokusayinisa unozinti u-Renaldo Leaner osanda kushiya iqembu abedlala kulo.

Kuvela ukuthi isigxume yahlala ngesikhathi izimbangi i-Orlando Pirates naMaZulu besacucuza, yafaka isicelo sokusayina uLeaner.

ULeaner ube ngumdlali okhululekile ngemuva kokuthi iSekhukhune United yehlulekile ukusebenzisa inketho yokwelula inkontileka yakhe ngaphambi kosuku lomnqamulajuqu.

Ngokombiko weSABC Sport, iChiefs isivele imfakele isicelo esisemthethweni, kanti sekusele kuphela ukuthi kuvunyelwane ngemigomo yenkontileka.

Lokhu kusho ukuthi i-Kaizer Chiefs isihamba phambili emjahweni wokuthola u-Renaldo Leaner, obefunwa kakhulu yiPirates naMaZulu ngemuva kokushiya iSekhukhune.

Kubikwa ukuthi iPirates isihoxile emjahweni wokumsayinisa, okushiye Amakhosi esesendaweni enhle yokuthola omunye wonozinti abahlonishwa kakhulu kuleli.

Uma konke kuhamba njengoba kuhleliwe, uLeaner uzojoyina uBrandon Petersen, uBruce Bvuma noFiacre Ntwari.

Lokhu kunjengoba umqeqeshi omusha uFernando da Cruz efuna ukuqinisa ukuncintisana kwesikhundla sikaNombolo 1.

ULeaner ugqame ngesikhathi edlalela iSekhukhune, ikakhulukazi ngaphansi kuka-Eric Tinkler, owamenza unozinti wokuqala. 

Ifomu lakhe yakhe enhle imenze wabizelwa naseqenjini lesizwe iBafana Bafana.

Uma kungabikho zinguquko ngomzuzu wokugcina, kulindeleke ukuthi u-Renaldo Leaner aqedele ukujoyina i-Kaizer Chiefs ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.