EzintshaKaizer Chiefs

Okwenza uMarks Mponyane amngabaze uYusuf Maart kwiChiefs

Izwi likaMarks Maponyane lengeze kwamaningi alabo abangahambisani noYusuf Maart njengokaputeni waMakhosi ikakhulukazi abalandeli. 

Ekhuluma kwiGame On yeRadio 2000 kuleli sonto, uMaponyane uthe uMaart akanakho ukuzethemba ngakho akakwazi ukukhuthaza iqembu uma izinto zingahambi kahle.

“Awukwazi ukushiya le ngxoxo ngaphandle kokugxeka ukapteni weKaizer Chiefs. 

“Uba kanjani ukapteni ongenawo amakhono obuholi?,” kusho uMaponyane. 

Ubekhuluma ngemuva kokuthi Amakhosi ehlulwe yi-Orlando Pirates emdlalweni wedabhi ngempelasonto edlule eFNB Stadium.

UMarks Maponyane uthe indlela uYusuf Maart adlale ngayo ifakazela ukuthi akazethembi njengoba kungekho akwenzile okubonakalayo kulo mdlalo.

“Uke wazama ukushaya iphasi evundlayo kodwa ibhola lagcina liyowela lw ezihlweleni… 

“Awukwazi ukuhola iqembu uma ungazethembi kwawena,” kwengeza le nkakha.

“Kodwa ke vele ngeke ukwazi ukuzethemba ube ungeyena umdlali odlala yonke imidlalo. Abekho abaholi kuleli qembu. 

“Uma usheshe ushaya igoli, kwenzeka kanjani ungabe usakwazi uukuqhubeka nokucindezela ulawule umdlalo? 

“Lokhu kuphinde kumbule izinqa nakumqeqeshi (uNasreddine Nabi) olokhu epheka ethulula. 

“IChiefs ihlezi ineqembu elisha umdlalo nomdlalo ikakhulukazi emuva.”

Lo mdlali owake wadlala kwiBafana Bafana ne-Orlando Pirates ubuze nokuthi kungani uDillan Solomons edlaliswa emuva kwesokudla.

“Kimina uSolomons akayena umdlali wasemuva. Ungumdlali wasesiswini,” kusho uMaponyane.

“Unozinti naye uhlale evimvelekile ngoba abadlali basemuva bahlale bela eduze kwakhe bemgungile. 

“Badinga ukumnika indawo ukuze akwazi ukudlala ngokukhululeka.”