
USeema uphawula ngokungadlali kuka-Otladisa koweBucs
Umqeqeshi weSekhukhune United, uLehlohonolo Seema, uthi akubaphazamisanga ukungakwazi ukusebenzisa uKatlego Otladisa bebhekene ne-Orlando Pirates.
Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala ubengekho ngesikhathi iBabina Noko ihlulwa ngo 2-1 yiPirates ngoLwesithathu ePeter Mokaba Stadium.
La maqembu abe nomdlalo omuhle weBetway Premiership, futhi akhiphane kahle inkani, lagcina ligobile elasekhaya.
U-Otladisa ubolekiswe yiPirates kwiSekhukhune kuze kube kuphela le sizini.
Ubelizwa ngendaba ijezi kwiPirates, kodwa ufike kwiSekhukhune wabuyela efomini eyenza iPirtaes imsayine kwiMarumo Gallants eminyakeni emibili edlule.
Kuze kube manje usedlale imidlalo eyisithupha kwiSekhukhune kuyona yonke imiqhudelwano. Unegoli elilodwa alishaye kwiNedbank Cup.
USeema uvumile ukuthi ngesikhathi bebolekwa lo mdlali, bebewazi umbandela wokuthi ngeke adlale nePirates.
“Cha, akufani nokuthi ngaze namuhla ukuthi ngeke adlale,” kusho uSeema kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“Kusukela ekuqaleni besazi, ngakho akunankinga. Sihlele kahle ngoba besivele sazi ukuthi namuhla ngeke abe khona.
“Ngakho-ke akuzange kusixake noma kuphi njengoba besihlele ngokufanele.
“Akuyona neze inkinga kodwa nakanjani yena uyingxenye ebalulekile yeqembu.”
USeema ukhuluma kanjena nje isanda kuba sematheni eyombandela obekwa ngomdlali obolekisiwe ukuthi angadlali neqembu elimbolekisile.
Umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt yena uzenze umuntu obengazi ukuthi abadlali ababolekwe yiMamelodi Sundowns banalo mbandela.
Ukhale ezimathonsi ngaphambi komdlalo wezakhe neSundowns ngokuthi ngeke akwazi ukusebenzisa uLebohang Maboe.
UMaboe ubolekiswe yiDowns kwezikaHuntu kuze kube sekupheleni kwale sizini.
