EzintshaOrlando Pirates

Okwenza u-Ouaddou angazikhathazi ngombango weligi

Yize iqinile emva – la isangenelwe khona amagoli amahlanu kuphela emidlalweni engu-13 yeligi –  iBucs ayibukhali kahle phambili.

Isashaye amagoli angu-18 kuphela kwiligi. Yingakho manje u-Ouaddou esesebenza kanzima ukuqinisa phambili.

“Kusukela ekuqaleni kwesizini, iqembu lethu lenze umsebenzi omuhle futhi lathuthuka ezindaweni eziningi.

“Futhi ngenxa yalokho kufanele sibakhuthaze abadlali ukuthi baqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla,” kusho mqeqeshi.

“Uma kufanele sigxile endaweni eyodwa okufanele sisebenze kuyo kakhulu, yilapho sesisondela epalini lezimbangi.

“Mhlawumbe kumele sengeze ngoba siyakwazi ukwakha amathuba amaningi okushaya amagoli – lokho siyakubona ngezibalo zethu.

“Singelinye lamaqembu ahamba phambili ekwakheni amathuba amaningi uma sesisondele epalini lembangi.

“Kodwa ukuze senze kahle futhi sibe yiqembu eliphambili, sidinga ukuthuthuka kuleyo ndawo,” kuqhuba lo mqeqeshi.

IPirates njengamanje isele ngemidlalo emibili kwiMamelodi Sundowns eqhwakele kwilogi, neKaizer Chiefs esendaweni yesibili.

Ebuzwa ngale midlalo, u-Ouaddou uthe abakazikhathazi ngelogi okwamanje. “Sigxile kithi kusukela kuqale isizini.

“Ngeke ngikuqambele amanga ngikutshele ukuthi asiyibheki ilogi,” kuvuma yena.

“Kodwa kithina kubalulekile ukugxila ekutheni iyiphi indawo okumele siyithuthukise, iyiphi indawo okumele siqhubeke nokusebenza kuyo.

“Senza kahle kakhulu, kunjalo, futhi asigxilile kunoma yimaphi amanye amaqembu. Sigxile kithina.

“Sigxila ekutheni kufanele siyiqale kanjani imidlalo nokuthi kufanele siyiqede kanjani.

“Yonke imidlalo siyidlalela ukunqoba. Iligi iseyinde, futhi izoze iphele ngoMeyi, ngakho sizozikhathaza ngendawo esikuyo ekupheleni kwesizini.”

Ephetha ngezinhloso zesizini yakhe yokuqala kuleli qembu, wengeze ngokuthi inhloso enkulu wukubhekana nomdlalo ngamunye.

“Okwamanje sigxile endleleni esilungiselela ngayo imidlalo,” kuqhuba lo mqeqeshi odabuka eMorocco.

“Sigxile kwindlela esifuna ukuyiqala nendlela esifuna ukuyinqoba ngayo imidlalo.” 

IPirates izoba nethuba lweqa bobaili iChiefs neSundowns kanyekanye ngoMgqibelo uma seyibhekene neMagesi FC.

Lo mdlalo uzoba senkundleni yayo esanda kuqanjwa kabusha i-Orlando Amstel Arena kanti uzoqala ngo-6 ntambama.