
Imshaye wayibonga iPirates unozinti weBay
- Sibongiseni GUMBI
Kube wubuchule bukaKabelo Dlamini obuweze i-Orlando Pirates ishaya iRichards Bay ngo 1-0 ngeSonto ntambama.
UDlamini ube ‘yi-Star’ eshaya elihle igoli kade kuyibhola elibekwe phansi ngaphandle kwebhokisi.
Bese kusele imizuzu eyisishiyagalombili nesikhathi esengeziwa unompempe umdlalo uphele.
IPirates ibekelwe ibhola phambi kwepali leRich Boyz kulandela ukudlaliswa kabi kwakhe uDlamini.
Ube esesukuma, walishaya ngobuchule lamshiya emile u-Ian Otieno obesezintini zeRichards Bay.
Ngemuva komdlalo, u-Otieno oqokwe njengomdlali ovelele, uyivumile induku.
“Umdlalo bewumuhle. Kube yishwa nje ukuthi ngidedele igoli (ekugcineni),” kusho u-Otieno.
“Kodwa ukuya phambili, ngiyazi kuzoba ngcono. Ngincoma ozakwethu ngokuzimisela kwabo.
“Ngifuna ukubonnga ne-Orlando Pirates, isinike umdlalo omuhle. Okubaluleke kakhulu wukuthi wumjaho webanga elide lona.
“Sisekhona emjahweni futhi sizoqinisekisa ukuthi senza konke okusemandleni,” kwengeza lo nozinti.
IPirates bekubonakala ukuthi idlala kodwa izingqondo sezisemdlalweni wamanqamu weMTN8 ongempelasonto ezayo.
Izobhekana neStellenbosch FC eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ntambama.
