EzintshaMTN8

Okwenza u-Ouaddou abone ithuba lokuvuka ngeDowns

Lo mdlalo usuvele ufaniswe nowamanqamu njengoba amathikithi awo esedayiswe aphela kusasele iviki lonke futhi uqhathe izinkunzi ezihlezi zimisana kabi uma zihlangene.

Lezi zimbangi zizobhekana emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiMTN8 e-Orlando Stadium ngoMgqibelo – umdlalo uqala ngo-3 ntambama. 

IPirates neSundowns baya kulo mdlalo ngemuva kwemiphumela engafani phakathi nesonto. 

AmaBhakabhaka ahlulwe yiMarumo Gallants emdlalweni weBetway Premiership eBloemfontein, kwathi amaBrazilians adlula kalula kuMaZulu FC esekhaya ePitoli, ewashaya ngo 2-0.

Umqeqeshi wePirates u-Abdeslam Ouaddou uwubheke ngabomvu lo mdlalo wamaqembu angamanye wamakhulu e-Afrika. 

“Yisikhathi esijabulisa kakhulu hhayi kubadlali kuphela, kodwa nakubalandeli ngokunjalo,” kusho lo mqeqeshi. 

Ubekhuluma esithangamini nabezindaba ekomkhulu lePSL eParktown ngoLwesine ntambama. 

“Kuhlangene amaqembu amabili amakhulu, hhayi eNingizimu Afrika nje kuphela, kodwa nasezwenikazi lonke. 

“Siwujabulele lo mdlalo wangoMgqibelo futhi sithemba ukuthi sizobabukisa ibhola elihle abalandeli baseNingizimu Afrika.” 

Usehlulwe kulandelana ebhekene neSekhukhune United neGallants emidlalweni yeligi, kanti mane usebheke kwiSundowns engaxoleli.

U-Ouaddou uvumile ukuthi ungaphansi kwengcindezi enkulu yokujika izinto maduze eqenjini.

“Kukhona ingcindezi njalo uma uqeqesha ikilabhu enkulu kangaka. Ingcindezi ikhona yonke indawo.

“Kodwa kufanele siguqule leyo ngcindezi siyenze ibe yinto esifaka umfutho futhi kufanele sinikeze abalandeli bethu konke okusemandleni ethu. 

“Kufanele sizame ukubuyisa injabulo yokunqoba nomuzwa wethemba,” kusho lo mqeqeshi odabuka eMorocco.

IPirates ivamise ukuthwala kanzima emidlalweni yakamuva uma ibhekene neSundowns e-Orlando Stadium.

Kodwa imidlalo yakamuva yezindebe phakathi kwala maqembu iveza ukuthi amaBhakabhaka ayakwazi ukuzidumaza lezi zimbangi zawo.