
UNasreddine Nabi uveza okukhubaze iChiefs ibhacaza
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, uthi ukulungiselela umdlalo weSekhukhune United bekungelula.
Leli qembu belisanda kunqoba iNedbank Cup, la lishaye khona i-Orlando Pirates ngo 2-1. Bekuyindebe yalo yokuqala eminyakeni engu-10.
Kungekudala ngemuva kwalokhu kunqoba, kuvele imibiko ethi uNasreddine Nabi nethimba lakhe bazoxoshwa kwiKaizer Chiefs.
Akusizanga ukuthi abaphathi beChiefs bahlulekile ukuphuma negama elilodwa ngalamahlebezi.
Kunokuthi bawavume noma bawaphike, oKaizer Motaung Junior noJessica Motaung bathe kusazohlalwa phansi kubuyekezwe ekupheleni kwesizini.
UNasreddine Nabi yena uthe ufuna ukuhlala kwiKaizer Chiefs. Kodwa udinga abadlali abangcono kunalaba anabo uma kubhekwe alethe impumelelo.
Lo mqeqeshi oneminyaka engu-59 ubudala uqashwe ngemuva kokuthi iChiefs iphuthelwe yiTop 8 ngesizini edlule. Kodwa izinto azikashintshi nakule sizini.
IChiefs idlale neSekhukhune United ngoMgqibelo ePolokwane. Umdlalo uphele ngo 1-1.
Lokhu kuyenze yaqhubeka nokuhlala endaweni yesishiyagalolunye kwilogi yeBetway Premiership ngamaphuzu angu-31 ngemuva kwemidlalo engu-27.
Isisele nomdlalo owodwa okumele iwunqobe ukuze ibe nethuba lokungena kwiTop 8 yize lokho kuncike nakweminye imiphumela.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uNasreddine Nabi uthe amahlebezi ngesimo sakhe kwiKaizer Chiefs aphazamise amalungiselelo akhe.
“Lezi zindaba zivela ezintathelini, ayikho enye indawo ezivela kuyo,” kusho uNabi.
“Kodwa ngiyavumelana nawe ukuthi ukulungiselela lo mdlalo bekungekhona okwami, bekungokwabadlali ngemuva komdlalo wamanqamu onzima.
“Bekumele bafake umfutho omkhulu ngemuva kwayo yonke imikhosi yokugubha ukunqoba indebe.
“Ngalokho ngibonga bonke abadlali ngoba bekungelula kubo,” kuqhuba lo mqeqeshi.
“Kodwa isonto lonke abantu babekhombisa ukugxila ngaphezu kwayo yonke imikhosi nakho konke okunye.
“Sibe nomuzwa wokuthi abadlali bazibophezele kulo mdlalo,” kwengeze lo mqeqeshi obekwi-AS FAR Rabat ngaphambi kokuza kuMakhosi.
