
Okwenza uGrobler athinteke kwamancane uma egqilaza iChiefs
Umgadli weSekhukhune United, uBradley Grobler usevume ukuthi ayikho into emjabulisa njengokushaya igoli uma ebhekene neKaizer Chiefs.
Lo mgadli osekhulile futhi onamava – usenamagoli angu-123 kwiPSL – uthi lokhu akungoba enenxa neKaizer Chiefs.
UBradely Grobler useshaye amagoli angu-14 ebhekene neChiefs kuyo yonke imiqhudelwano, kanti ayisishiyagalolunye emidlalweni yeligi.
Ushaye amabili asize iSekhukhune ibhuquzise Amakhosi ngo 3-1 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku.
Uqokwe waba nguMdlali obeVelele kulo mdlalo obuseFNB Stadium futhi obuhanjelwe yizinkulungwane zabalandeli beChiefs.
“Kumnandi (ukuqokelwa le ndondo). Angizange ngiziqeqeshe neqembu ezinsukwini ezimbalwa ezidlule, benginenkinga yesifuba,” kusho lo mgadli ngemuva komdlalo.
“Ngifike ekhempini izolo (ngoMsombuluko), ngenhlanhla ngaqala umdlalo. Besingenza okukhulu esiwombeni sokuqala.
“Kodwa ngiyababongela ozakwethu – kuliwe namuhla. Icebo lomdlalo elivele kumqeqeshi nalo belisezingeni eliphezulu.”
Ube eseveza okumenza akujabulele ukushaya igoli, noma amagoli uma ebhekene nalezi ziqhwaga zaseNaturena.
“Buka, kumnandi ukushaya igoli ubhekene neqembu okwathi eminyakeni emine noma emihlanu edlule lathi usugugile futhi akusekho ongalenzela khona,” kuqhuba uBradley Grobler.
Lo mgadli wake wamataniswa neChiefs, futhi abaphathi bakhe bayinika ithuba lokumsayina kodwa yamnqaba.
“Kumnandi ukushaya igoli emaqenjini anjalo. Kodwa kumele ngibongele iqembu lilonke, ngemuva kwalo mdlalo abantu sebezosibona ukuthi asisinisi mahleza.
“Asifuni ukuzifakela ingcindezi. Kodwa sifuna ukunqoba yonke imidlalo ukuze silwele isicoco seligi.
“Umphumela wanamuhla uyisitebhisi esikhulu. Kusekude phambili kodwa kuzomele siqhubeke nalo mgqigqo.”
Ebuzwa ngokushaya amagoli amaningi uma ebhekene neChiefs kunamanye amaqembu, uthe akungoba enenxa noba igqubu nayo.
“Umbuzo engihlezi ngibuzwa wona lowo… Akukho gqubu enginalo nayo,” kuchaza yena.
FUNDA NALA | UNabi uthi kube yingozi ukuhlulwa kweChiefs
“Into enhle wukuthi bayiqembu eminyakeni edlule elangitshela ukuthi ngeke lingithathe ngoba sengiphelelwe wushatini.
“Kumele ngikuvume nje ukuthi lokho kwenza kube mnandi ukushaya igoli uma ngibhekene nabo,” kwengeza uBradley Grobler.
