EzintshaKaizer Chiefs

UMotaung Jr. unomuzwa omuhle ngo-Inacio

  • Sibongiseni GUMBI

Lo mdlali, oneminyaka engu-28, owaziwa ngelika-Inacio Miguel, ufike eNingizimu Afrika ngoLwesibili.

Ufike wahlolwa isimo sempilo ngaphambi kokusayina inkontileka yeminyaka emithathu naMakhosi.

UMiguel ube ngumdlali wokuqala wase-Angola ukujoyina iqembu elikhulu leChiefs. 

Ungumdlali wesihlanu ukusayina kuleli qembu laseNaturena kuleli windi lokuhwebelana ngabadlali.

Ujoyine uRushwin Dortley, uFiacre Ntwari, uBongani Sam, noGaston Sirino.

Lo mdlali wasemuva odabuka ePortugal ubambe elikhulu iqhaza empumelelweni yePetro de Luanda ngesizini edlule.

Uyisize yanqoba iligi yase-Angola, yaphinde yadlala nakwiCaf Champions League. 

UMiguel usedlale imidlalo emihlanu eqenjini lesizwe lase-Angola.

Umqondisi weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung Jr., uzwakalise ukujabula ngomdlali omusha. 

“Sijabule ngokuba nomdlali osezingeni lika-Inacio Miguel ojoyine iqembu lethu,” kusho uMotaung. 

“Simbhekile futhi siyakholwa isipiliyoni sakhe, ikhono nothando lwakhe lomdlalo kuhambisana nomuzwa weKaizer Chiefs. 

“Siyathemba ukuthi uzokwengeza okuningi okuhle eqenjini.”

Ukufika kukaMiguel kubukeka kuzoyithuthukisa kakhulu iChiefs njengoba ilungiselela isizini ezayo. 

Iqembu libheke ngabomvu ukubona umthelela wakhe enkundleni njengoba ezoqala lesi sahluko esisha somsebenzi wakhe eNingizimu Afrika.