EzintshaKaizer Chiefs

Ingcindezi ngeyabalandeli ‘abahlulwa’ yizindleko zabo – Nabi

Lo mqeqeshi waseTunisia wenze isitatimende esixakile, ephakamisa ukuthi akakhathazekile neze ngesimo sakhe kuleli qembu.

Lokhu kwenzeka yize leli qembu lingenzi ngendlela ebilindelwe nakule sizini njengoba kumanje lisendaweni yisishiyagalombili kwilogi yeBetway Premiership.

Okuwukuphela kwenhlansana yethemba ngeKaizer Chiefs kule sizini wukuthi isingene kowandulela owamanqamu kwiNedbank Cup. 

Ebuzwa ngengcindezi abhekene nayo, uNasreddine Nabi uthe ngabalandeli abangcindezi enkulu yenhlalakahle yansuku zonke.

“Ingcindezi wukubenza (abalandeli) bajabule futhi bakhohlwe ukuthi impilo iyabiza, bajabulele ibhola,” kusho uNabi. 

“Uma udinga ukukhokha irenti yakho ngomhla zingu-25 enyangeni futhi ungenayo imali yalokho, yileyo ke ingcindezi. 

“Ingcindezi yangempela yimpilo yansuku zonke. Uma ungenayo imali ekupheleni kwenyanga…

“Noma uma iholo lakho seliphelele ezandleni, kodwa usadinga ukukhokhela umfana wakho imali yesikole…” 

Njengoba elindwe yiMamelodi Sundowns kwiNedbank Cup ngeSonto, uNasreddine Nabi uthe noma ehluliwe kulo mdlalo obaluleke kangaka, usazowuthola uphelele umholo wakhe. 

“Uma ngihlulwa kulo mdlalo, ngithola iholo lami elikhulu, ngabe lokho kuseyingcindezi? Ingcindezi yani leyo?

“Mina ngingathatha indiza noma nini (ngiphume lapha), ngivalelise nje, akunankinga. 

“Kukhona ingcindezi emphakathini. Siyabahlonipha kakhulu abalandeli abeza ePolokwane ngemoto encane becigonene beyisishiyagalolunye phakathi.

“Kubalandeli abashayela u-300, 500, 600 wamakhilomitha ukuze bazokweseka iqembu labo. Silapha ngenxa yabo. 

“Nsuku zonke siyabachazela abadlali ukuthi babheke ukuzidela kwabalandeli ukuze baseseke.”