DStv Premiership

Okususe umsindo uNasreddine Nabi evalelisa kwiChiefs

Kodwa kulo mlayezo wakhe kube namagama amabili angekho, nokuyiwo asuse umsindo abalandeli bezibuza ukuthi asale kanjani. 

Lo somaqhinga waseTunisia akazange ababale obekungamaphini akhe uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef, asebethathe izintambo njengabaqeqeshi beKaizer Chiefs.

Kulo mbhalo wakhe awushicilele kwi-Instagram, uNabi uzwakalise ukubonga okujulile kubadlali, abaphathi, nabalandeli — nosihlalo wekilabhu uKaizer Motaung. 

“Kubadlali bami: Angikwazanga ukuvalelisa ngendlela ebengifisa ngayo, kodwa nazi ukuthi ngiyaziqhenya ngani futhi ngibonga ngayo yonke imizamo yenu ngesikhathi ngiseqenjini,” kubhala uNasreddine Nabi.

“Kubadlali abasebancane: niyigugu lale kilabhu. Zithembeni, nisebenze kanzima, futhi nibe namaphupho amakhulu.”

Uqhubekile wabonga abasebenzi bekilabhu — kusukela kumqeqeshi ololonga abadlali uSafi Majdi nowonozinti u-Elyes Mzoughi, kuya kubahlaziyi, abasebenzi bezokwelapha, ngisho nabasekhishini.

UNasreddine Nabi uphinde wahlonipha izingwazi zeKaizer Chiefs uDoctor Khumalo, uSiphiwe Tshabalala, no-Arthur Zwane ngokumamukela ngemfudumalo nokumeseka.

“Kubalandeli beqiniso: ngiyabonga ngokwethembeka kwenu nokukholelwa kwenu emsebenzini wami,” kuqhuba yena. 

“Ningamandla eqembu ngokweqiniso. nganithembisa iqembu eliqinile futhi manje beselisondele kakhulu ekufikeni lapho.

“Ngihamba nje ngiziqhenya kakhulu ngokugqoka le mibala… ukuqeda isomiso sezindebe, nokuba yingxenye yeqembu elikhulu kunawo wonke eNingizimu Afrika. Shapa Khosi Shapaa!”

UNabi usebenze unyaka owodwa kwiChiefs kanti uqophe umlando ngokunqoba iNedbank Cup kodwa waba necashaza elibi ngokuqeda endaweni yesishiyagalolunye kwiBetway Premiership.