
Akusolwe mina ngekaMokoena – Broos
Umqeqeshi weBafana Bafana uthi kufana nokukhalela ubisi oseluchithekile ukukhala nokusolana ngokuphucwa kwaleli qembu amaphuzu amathathu.
IBafana Bafana iphucwe yiSafa amaphuzu amathathu emkankasweni wayo wokungena eNdebeni yoMhlaba ngemuva kokusebenzisa umdlali ongafanele.
Leli qembu ladlalisa uTeboho Mokoena enamakhadi amabili aphuzi emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoMashi libhekene neLesotho.
Ukuphucwa lamaphuzu amathathu kushiye iBafana isisendaweni yesibili, ibambene neBenin ngamaphuzu angu-14 kuGroup C.
“Ngemuva komdlalo weNigeria, besiphambili ngamaphuzu amathathu, ngakho bekusasifanele ukuthi sinqobe imidlalo yethu emithathu yokugcina.
“Isimo asijikile. Manje kungani esikhaleni nje sesikholwa wukuthi iBenin izoyinqoba imidlalo yayo emibili yokugcina, bese thina sihluleka ukwenza lokho.
“Angazi kungani abantu sebeqala ukusingabaza, bebona sengathi ngeke sisangena eNdebeni yoMhlaba,” kusho uBroos.
Uvumile ukuthi naye uphatheke kabi ngesikhathi ethola le incwadi ebazisa ukuthi bazophucwa amaphuzu amathathu.
“Kodwa ngemuva kwehora, ngabe sengidlula kulokho. Ngazitshela ukuthi ngenxa yalokhu asebekwenzile, sizobakhombisa ukuthi sinjani.”
Ukhale nangalabo abafuna kukhonjwe ngenjumbane othile ngaleli phutha, wathi ngelabantu abaningi abahluleka wukuhlonza lamakhandi kaMokoena.
“Abantu abayeke ukufuna ukubheka ukuthi yiphutha likabani. Siyazi sonke ukuthi senza iphutha,” kuqhuba lo mqeqeshi.
Uthe lamakhadi kaMokoena ahlukana ngezinyanga ezingu-16, ngakho kuyaqondakala ukuthi iphutha belingenzeka.
“Ubani owenza iphutha. Ngizwile kuthiwa nongqongqoshe naye uzoqala olwakhe uphenyo ngalokho.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
“Kusobala. Yimi owenza lelo phutha. Yimi umqeqeshi, kumele ngazi ukuthi lo mdlali usenamakhadi amabili.
“Nabangisizayo banephutha ngoba abangitshelanga ukuthi uTeboho unamakhadi ngakho kumele angadlali.
“Imenenja yeqembu nayo inephutha ngoba ayizange ilandelele. Nomdlali unephutha ngoba akasitshelanga…
“Ngakho asidlule manje kuleyo. Asiqhubekele phambili, niqhubeke nokuseseka njengoba benenza emidlalweni edlule.”
FUNDA NALA | Siyamsebenzela isiqalo esisha uDe Reuck
Ube esethembisa ukuthi iBafana izobe ithelwe ngezibonkolo emidlalweni elandelayo ukuze ivale labo asebejabule ngalesi simo imilomo.
