
Akasayingeni eyeSundowns owasePortugal, ucinga ikhaya elisha
Kubikwa ukuthi umdlali wasesiswini wasePortugal, uMiguel Reisinho, ngeke aphinde abuyele kwi-Mamelodi Sundowns.
UReisinho uhlale isizini eyodwa kuphela kuMasandawana ngemuva kokujoyina leli qembu ngoSepthemba nyakenye ngenkontileka yeminyaka emibili.
Nokho, kubikwa ukuthi isikhathi sakhe eChloorkop sesiphelile.
Umthombo utshele iSoccer Laduma ukuthi lo mdlali akazange abuye njengoba kulungiselelwa isizini entsha.
“Nakanjani akabuyi. Akazange abuye ngesikhathi kuqala amalungiselelo esizini, futhi njengamanje uzifunela iqembu elisha ezweni lakubo,” kusho umthombo.
Lo mdlali udlale imidlalo engu-14 kuphela kwiSundowns, washaya amagoli amabili, kodwa wehluleka ukuzakhela indawo eqenjini.
Khonamanjalo, iSundowns isaqhubeka nokuxhunyaniswa nomdlali wasesiswini wase-Argentina, uMateo Tanlongo, odlalela iSporting Lisbon khona ePortugal.
- FUNDA NALA | IChiefs ibambane nezinkunzi zaseScotland
Kuphinde kube nemibiko ethi umgadli waseBrazil, uLucas Ribeiro Costa, angase abuyele kwi-Mamelodi Sundowns ngemuva kwesikhathi esingabanga sihle eSpain.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
