EzintshaKaizer Chiefs

Amathemba ku-Ighodaro, iChiefs ihlose umlando kwiConfed Cup

IKaizer Chiefs isiliqinisekisile iqembu layo elizoqala emdlalweni womlenze wesibili esigabeni sokuhlunga kwiCaf Confederation Cup ne-AS Simba.

Lo mdlalo uzoba s eDobsonville Stadium ngeSonto ntambama, kanti Amakhosi azimisele ukudlulela phambili.

Umlenze wokuqala eDR Congo uphele kungenagoli, okushiye iGlamour Boys idinga ukunqoba ekhaya ukuze idlulele esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano.

UCedric Kaze ongumqeqeshi uthi iqembu selikulungele ukuqopha umlando njengoba lisekhaya.

“Singaqopha umlando kule mpelasonto,” kusho yena. “Siyazi ukuthi yini edingekayo — abadlali baziqeqeshe kanzima futhi bakulungele ukwenza okudingekayo ukuze sinqobe.”

  • Amakhosi abophele kanje: Petersen © – Cross, McCarthy, Kwinika, Solomons – Mthethwa, Ngcobo, Shabalala, Vilakazi, Lilepo – Ighodaro
  • Ebhentshini: Bvuma, Frosler, Matlou, Cele, Maboe, Sirino, Mmodi, Velebayi, Du Preez

Umdlalo ozoba seDobsonville Stadium ngo-3 ntambama, kanti iChiefs ibheke indawo okokuqala emlandweni wayo esigabeni samaqoqo kwiConfederation Cup.