
Okukhathaza uPhala ngesimo sikaShabalala kwiChiefs
Owayengumdlali weKaizer Chiefs, uThuso Phala, usezwakalise ukukhathazeka ngesimo somdlali wasesiswini u-Mduduzi Shabalala.
Lokhu kuza ngemuva kwezindaba zokuthi lo mdlali useyeke ukulandela iChiefs ezinkundleni zokuxhumana.
Lokhu kudale amahlebezi amaningi ngokuthi kungase kube nenkinga phakathi kukaShabalala naleli qembu laseNaturena.
UPhala uthi unethemba lokuthi akukho okungahambi kahle, kodwa uma kukhona inkinga kufanele ixazululwe ngendlela efanele.
“Ngiyethemba akukho okwenzekayo phakathi kwe-Kaizer Chiefs no-Mduduzi Shabalala.
“Sibone ezinkundleni zokuxhumana ukuthi useyekile ukulandela iqembu,” kusho uPhala.
“Uma kukhona inkinga, kuyadabukisa ukubona umdlali omncane ezama ukuveza imizwa yakhe ezinkundleni zokuxhumana. Lokho akuyona indlela efanele.”
Uthe uShabalala kufanele axoxe nabantu abasondelene naye, okubalwa umndeni wakhe nomphathi wakhe, uma ebhekene nobunzima.
“Kubalandeli beChiefs, uMdu uyiqanda leqembu. Sifuna ukumbona ekhula futhi eba ngomunye wabadlali abahamba phambili.”
UPhala uthe kungenzeka ukuthi ukungabi yingxenye yeqembu ngesikhathi kulungiselelwa isizini kube nomthelela kulokhu okwenzekayo.
Uphinde wathi abalandeli be-Kaizer Chiefs balindele ukubona u-Mduduzi Shabalala noMfundo Vilakazi behlangene enkundleni, besiza iqemnbu lithole impumelelo kule sizini.
- FUNDA NALA | UChaine nokudingwa yiPirates kule sizini
Njengoba umqeqeshi uFernando Da Cruz esekuvezile ukuthi ufuna abanye abadlali abahlaselayo, kungenzeka uShabalala usephelelwe yindawo.
Kungenzeka usetsheliwe ukuthi akekho ezinhlelweni zalo mqeqeshi kule sizini ezayo.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
