
Okujabulise u-Ouaddou yize iPirates inganqobanga
Uvume ukuphoxeka ngomphumela, kodwa waveza ukweneliseka ngendlela iqembu elidlale ngayo u-Abdeslam Ouaddou we-Orlando Pirates.
Lokhu bekulandela ukuthi leli qembu libambane ngo 0-0 neSekhukhune United emdlalweni weBetway Premiership ngoMgqibelo ntambama.
“Njengoba ubonile abadlali bami benze konke okusemandleni ngokokuzimisela, ukwakha amathuba,” kusho u-Ouaddou.
“Ngeshwa ibhola alizange livume ukungena enethini – linjalo ke ibhola. Ngeke ngibasole abadlali benze konke…
“Besidlala neqembu eliqinile. Siphozekile kancane ngoba bekufanele siwunqobe lo mdlalo.
“Angikhathazekile, uma siqhubeka nokudlala kanje, sizoqhubeka nomgqigqo wethu nokunqoba imidlalo.”
Lo mphumela ushiye iPirates isendaweniyesibili kwilogi yize ilingana ngamaphuzu neMamelodi Sundowns eqhwakele.
Isalele nanomdlalo ewugodlile okungathi uma iwunqoba bese iqhwakela. Izobhekana neMagesi ngoJanuwari 31.
