
Okubhekwe iChiefs kuSirino ‘oyishwebise amaphuzu’
Iphini lomqeqeshi weKaizer Chiefs uBen Youssef useveze ukuthi basamethemba ngokugcwele uGaston Sirino futhi abangabazi ukuthi uzobuya ngamandla ngemuva kokuphoxeka kwakamuva.
UGaston Sirino uzithole esenyamanambana kubalandeli kulandela ukushweba iphenathi emdlalweni weBetway Premiership ophele ngo 1-1 bebhekene neMarumo Gallants.
Lo mdlali oneminyaka engu-34 ubudala odabuka e-Uruguay usephenduke ikhongco elimqoka kuMakhosi kusukela ewajoyinile esuka kwiMamelodi Sundowns.
Useshaye amagoli amahlanu, wakha ayisikhombisa emidlalweni engu-32 asayidlalile, kodwa ube nobusuku obungebuhle bebhekene neGallants ngoLwesithathu.
Uzithole esebhukwa ngeso lengulube ngemuva kokuhlulwa amathuba amabili abemahle futhi ebukeka elula nokushaya into engacacile evinjwe kalula ngunozinti esebekelwe iphenathi.
Naphezu kwezingxenye zabalandeli ezikhombise ukungamthakaseli uGaston Sirino, uYoussef ugcizelele ukuthi abalandeli kumele bameseke.
“USirino ungumdlali omkhulu – omunye wabadlali bethu obaluleke kakhulu futhi abanamava. Akayena owokuqala noma owokugcina ukugeja iphenathi.
“Unozinti ubeyilungele futhi wenze kahle. Kodwa uSirino uzoqhubeka nokusebenza kanzima, futhi siyazi ukuthi ikhwalithi yakhe isazolisiza iqembu,” kusho uYoussef.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
IChiefs manje isigxile kwiCaf Confederation Cup lapho izosingatha khona iqembu lase-Angola iKabuscorp eFNB Stadium ngoMgqibelo – umdlalo uqala ngo-3 ntambama.
FUNDA NALA | Okusha ngesimo sikaNabi kwiChiefs
Izobe ibheke ukujika umphumela womlenze wokuqala la ihlulwe khona ngo 1-0 ekuhambeni, ukuze igweme ukuphoxeka kokubhuliswa amazolo kulo mqhudelwano.
