Bafana BafanaEzintsha

Okubalulekile ngomdlalo weBafana neSouth Sudan

IBafana Bafana izobhekana neSouth Sudan ngoLwesibili emdlalweni wayo wesibili kweyokuhlungela i-Africa Cup of Nations ka-2025. 

Umdlalo uzoba seJuba Stadium kanti uzoqala ngo-3 ntambama. Uzovezwa kwiSABC Sport.

Abafana bakaHugo Broos badinga ukunqoba ngemuva kokudlala ngokulingana ngo 2-2 ne-Uganda e-Orlando Stadium ngoLwesihlanu.

Emdlalweni wayo wokugcina, iBafana ibihamba phambili kodwa kugcine sekudingeka ilwele ukuthola iphuzu. 

I-Uganda, ehambe nephuzu elibalulekile, izibona iwinile, kwazise izobe isekhaya kolandelayo ibhekene neBafana.

UBroos uvume ukuthi unemizwa ehlukene ngemuva kwalokhu kudlala ngokulingana. 

“Kolunye uhlangothi, sijabule ngokuthi sidlale ngokulingana. Ngakolunye, sidumele ukuthi asizange sinqobe,” kusho uBroos. 

Ubalule ukuthi iBafana iwatholile amathuba esiwombeni sokuqala kodwa yangakwazi ukuwasebenzisa.

I-Uganda, ebibukhali futhi ilwa kulo mdlalo, isheshe yawujika umdlalo ngemuva kwekhefu, yahamba phambili ngo 2-1. 

IBafana izamile nayo, yenza izinguquko ezibalulekile ukuze ibuye izokwazi ukuthola iphuzu. 

“bekungaba yinhlekelele ukube sihluliwe,” kuvuma uBroos. Iphuzu abalitholile ukholwa wukuthi lizogqugquzela iqembu emdlalweni wangoLwesibili.

UBroos ugcizelele isidingo sokuthi iqembu lakhe libe bukhali uma selibhekene neSouth Sudan. 

Uvumile ukuthi indlela i-Uganda ebihlasela ngayo iyixakile iBafana. 

“Asizange sibe nayo impendulo yalokho,” kusho yena ngomdlalo odlule.

ISouth Sudan, ekleliswe endaweni ka-169 emhlabeni, iyinselelo ehlukile kwiBafana. 

Nokho, uma kubhekwa imidlalo yeBafana yakamuva la ebibhekene khona ne-Uganda neRwanda, iSouth Sudan ingazibona inethuba. 

Yize kuyizimfivilithi, iBafana kumele idlale kahle ukuze ibuyisele umkhankaso wayo wokuhlungela i-Afcon emgqeni. 

Ukuwina kubalulekile ukuze ibuyise umfutho futhi yakhe ukuzethemba ukuya phambili.