Ezintsha

Ngabe u-Andile uzodlala kwiHiglanders? UMaMkhize uyachaza

Le ndodana yakhe eneminyaka engu-24 ubudala idlale amacozucozu kwiRoyal AM ngaphambi kokuthi le kilabhu igcine inqunyiwe yiPSL. 

Manje, njengoba uMaMkhize ebuyela ebholeni ngokungena kwizinkunzi zaseSwatini, abaningi bebelindele ukuthi u-Andile uzophinde athathe ujezi No. 10. 

“Usho uNo. 10? Usefuna ukuba sesikhundleni sokuphatha manje,” kusho uMaMkhize kwiSports Nights Ampliefied yeMetro FM.

Ebuzwa ukuthi ngabe lokho kusho ukuthi u-Andile usewajibe emgibeni amakhokho akhe, wengeze ngokuthi, “Ngicabanga kanjalo — okwamanje.”

UMpisane usevele ulifezile iphupho lakhe lokudlala esigabeni esiphezulu sebhola elikhokhelayo, futhi ngokusho kukanina, usebheke ukufeza amanye amaphupho.

“Konke abekufuna wukudlala kwiligi enkulu — useswenzile lokho. Manje usebheke ukungena ekuphathweni kwebhizinisi lebhola.”

UMaMkhize uthi u-Andile waqala ukusondela kubaphathi ukuze afunde ngesikhathi seRoyal AM.

Uthi ngasekugcineni wakhombisa isifiso sokushiya ekudlaleni, angeke ekuphatheni ngaphambi kokuthi bangene kwiHighlanders.

Njengoba engeke esaba yisikhulu esibuye sibe ngumdlali, amehlo asephendukela kuMaMkhize ukuthi uzoza naziphi izinguquku kwiHighlanders nokuthi uzomshutheka kanjani u-Andile. 

Okwamanje abalandeli beHighlanders bangalindela ukubona igama lika-Andile Mpisane kwawezikhulu, hhayi enkundleni.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO