EzintshaOrlando Pirates

Mokoena: I-Orlando Pirates izidonsele amanzi ngomsele

I-Orlando Pirates ihlulwe ngo 3-2 sekuhlanganiswe imiphumela yiPyramids FC kowandulela owamanqamu.

Ngemuva kokudlala ngokulingana kungenamagoli eSoweto, amaBhakabhaka ahlulwe ngo 3-2 eCairo, aphuma kanjalo kulo mqhudelwano.

IPyramids manje isizobhekana neMamelodi Sundowns kowamanqamu ngenyanga ezayo.

Ekhuluma kwiSoccer Beat, uLebohang Mokoena usole i-Orlando Pirates ngokuhluleka ukulawula umdlalo ngesikhathi seyihamba phambili.

Uthe abadlali balidedele selisezandleni ithuba lokungena kowamanqamu ngokudedela igoli kuze kube kabili.

UMokoena uveze ukuthi amaqembu aseNyakatho ne-Afrika ajwayele ukushaya amagoli ngamabhola abekwe phansi.

Ubuze ukuthi kungani iPirates ingakwazanga ukuvala kahle emuva ngemuva kokuhamba phambili.

“Ngesikhathi sihamba phambili ngo 2-1, bekufanele siwulawule kangcono umdlalo,” kusho uMokoena.

Uphinde wabuza ukuthi kungani unozinti uSipho Chaine engazange achithe isikhathi ukuze aphazamise umfutho wePyramids.

UMokoena ukhale nangezinguquko ezeziwe uRiveiro ngesikhathi somdlalo.

Ube nomuzwa wokuthi ukukhipha uMohau Nkota, umdlali oshesha kakhulu eqenjini, kube yiphutha.

UNkota ngye obeyiphela endlebeni ezitobheni zePyramids abegqashuka kuzo ngejubane zisale zihubha isithunzi.

UMokoena uphinde wagxeka ukuqalisa uTapelo Xoki noNkosinathi Sibisi emuva maphakathi nenkundla.

Uthe laba badlali basemuva ababili bebengenakho ukuxhumana futhi lokhu kuhlale obala emagolini angenile.

“Besazi ukuthi iPyramids izosebenzisa amabhola abekwe phansi ukuze ithole amagoli, kodwa asizange sikulungiselele lokho,” kwengeza yena.

Ngemuva kokuphuma kwayo, iPirates manje isizoshintshela kwiBetway Premiership.

AmaBhakabhaka asendaweni yesibili ngemuva kweMamelodi Sundowns, ayilandela ngemuva ngamaphuzu ayisishiyagalolunye.

Nokho iPirates inemidlalo emibili esele ngayo kwiSundowns. Izosingatha iSekhukhune United e-Orlando Stadium ngoLwesithathu.

Ngemuva kwalokho, iPirates izobhekana neKaizer Chiefs kwidabhi yaseSoweto ebalulekile eFNB Stadium ngoMgqibelo.

I-Orlando Pirates kumele iphinde ihlangane ngokushesha uma ifuna ukuhlala emjahweni wesicoco.

Amagama aqinile kaLebohang Mokoena agcizelela ukukhungatheka okuzwiwa ngabalandeli abaningi ngemuva kokukhishwa kwiChampions League.