
USchalkwyk udalula iholo elamshiyisa iChiefs waya kwiBucs
Owayengumdlali weKaizer Chiefs, uGert Schalkwyk, usechaze indlela uBobby Motaung amfaka ngay ingcindezi ngemuva kokuthola umoya wokuthi usesayine kwi-Orlando Pirates.
UGert Schalkwyk wayengomunye wabadlali ababehamba phambili kwiChiefs ngesikhathi ehehwa yiPirates eyaliphinda kabili iholo lakhe.
Uthe wayehola u-R35 000 kwiChiefs, iPirates yamnika u-R70 000 kodwa lokhu bekungaphambi kokuphela kwenkontileka yakhe eNaturena.
Uveze okwenzeka ngesikhathi eshiya kwiChiefs eya ezimbangini zayo ezinkulu iPirates ngesikhathi ekhuluma kwi-podcast kaJosta Dladla Izinja zeGame.
“Kwathi kade ngisayine inkontileka yesibambiso nePirates ngayizolo, ngakusasa ngisejimini uBobby wangibizela ehhovisi,” kusho uSchalkwyk.
“Lapho ngingena wathi, ‘mfana wami, manje sesicabangile – siyazi ukuthi wena nomqeqeshi ninezinto zenu – kodwa uyadlala manje.
“‘Sizoyelula inkontileka yakho ngeminyaka emithathu’ Ngaleso sikhathi ngabe sengisayine khona inkontileka yesibambiso nePirates.
“Ngangitshelwe ukuthi ngingatsheli muntu ukuthi ngiyisayinile. Waqhuba wathi, ‘nansi inkontileka, sizofonela uMike (Makaab, imenenja yakhe).
“‘Sizofaka ucingo esipikheni ukuze ezwe futhi avumelane nakho konke esokushoyo’.Lapho ngangibakaza, ngizibuza ukuthi wenzekani manje.
“Ngathi kuyena, ‘Bobby, nginike okungenani u-R60 000 womholo,’. IPirates yayinginika u-R70 000 ngaleso sikhathi, kanti ngangihola u-R35 000 kwiChiefs.
“Uyazi ukuthi uBobby wathini? Wathi, ‘Cha, u-R60 000 mncane kakhulu mfana wami, angivele ngikunike u-R80 000’.”
UGert Schalkwyk, ebona ukuthi uvalelwe ekhoneni, wacela isikhathi sokuyokhuluma noyise ukuze afune iseluleko sakhe ngaphambi kokusayina.
FUNDA NALA | OwePirates uphawula ngoMukoko ocike abadlali nabalandeli
“Wabe esethi, ‘Kulungile, uzosayina kwiChiefs kodwa sizokubolekisa kwiBloemfontein Celtic.
“Wabe esethi, “mfana wami, awukhulume iqiniso, ingabe ususayine nePirates?’ Wayeseyazi kahle,” kuqhuba uSchalkwyk ehleka.
