EzintshaKaizer Chiefs

IKaizer Chiefs isiselana ngabadlali nelaseKZN

Isiqale ubudlelwano bokusiselana ngabadlali noMsinga United, okuyiqembu laKwaZulu-Natal eligijima kwi-ABC Motsepe League.

Usihlalo woMsinga United uWelcome Mpanza ukuqinisekisile ukusebenzisana kwabo engxoxweni abe nayo neLisenethini kuleli sonto.

Uthi Amakhosi yiwo aze kubo ngenxa yokubonwa ukuphathwa kahle kweqembu nebhola elisezingeni eliphezulu abalidlalayo.

“IChiefs ibone okuthile okukhethekile kithi,” kusho uMpanza. “Lobu budlelwano buzovulela abadlali bethu amathuba amaningi amahle.”

Uncome lezi ziqhwaga zaseSoweto ngokuhlonipha iqembu lasemakhaya njengMsinga United – iqembu elizinze eMabomvini, eMsinga Top.

“Lokhu kukhulu kithi — ukuthi ikilabhu ehlonishwa umhlaba wonke isithembe ngabadlali bayo abancane kusho lukhulu ngathi,” kwengeza yena.

UMpanza ukholwa ukuthi lesi sinyathelo sizophinde sizuzise intsha yeKaizer Chiefs, njengoba i-ABC Motsepe League yaziwa ngokuba yiligi okunzima ukudlala kuyo.

“Izinga liphezulu kakhulu lapha. Yindawo ekahle yokuthi abadlali abasebancane baqine,” kusho uMpanza.

Umsinga United isanda kushintsha inkundla yayo yasekhaya isuka eMzisho Stadium yaya eGxushaneni Stadium eKwaMajozi — lapho laba badlali abasiswe yChiefs sebezokhombisa khoan ithalente labo.