
Idabhi ‘izoxabanisa’ abangani oThalente noThabo Cele
UThalente Mbatha noThabo Cele bakhule bengabangani KwaMashu. Kodwa ngoMgqibelo bazoba yizitha kwiSoweto Derby.
Lo mdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uzobhekana nalo mngani wakhe wasebuntwaneni, osanda kujoyina iKaizer Chiefs.
Bobabili oMbatha noCele bakhule bephupha ngokudlala kulo mdlalo oyingqophamlando. Manje, lelo phupho selifezekile.
UMbatha ujabulile ngalo mqhudelwano. Uyazi ukuthi iKwaMashu izohlukana phakathi – abanye behamba naye, abanye noCele.
ISoweto Derby ingaphezu komdlalo nje. Kuyimpi negunya lokuchoma, umlando, nothando.
Ubungane buzobekwa eceleni noma ngabe lokho kuzoba ngokwemizuzu engu-90 kuphela.
“Kuyiqiniso ukuthi mina noThabo sakhula ndawonye endaweni efanayo kwa-G KwaMashu.
“Sihlukene ngezigceme nje ngoba yena uhlala e-3 mina ngise-4,” kusho uMbatha ngoLwesibili.
“Futhi ukuphendula umbuzo wokuthi iKwaMashu izohlukana yini ngoMgqibelo, ngingasho ukuthi ibivele ihlukene phakathi phambilini…
“Kodwa ngikholwa wukuthi kuwumbango omuhle,” kwengeza uMbatha ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eRand Stadium.
“Ngimjabulelele (ngokujoyina iKaizer Chiefs). Ungumuntu ohlezi ezimisele (ukuphumelela) ebholeni.
“Ungumuntu ozifelayo ngempela ngomdlalo webhola likanobhutshuzwayo.
“Ngisho noma sivalile sisekasi , uvele asungule iqoqo lokuthi sikwazi ukuqhubeka nokujima futhi lokho kuveza ukuthi uzimisele kangakanani.”
UMbatha ungomunye wabadlali abamqoka kwiPirates kusukela eyijoyine esuka kwiSuperSport United ngoJulayi nyakenye.
