EzintshaNedbank Cup

Kugqame inkinga ecathamela Usuthu lubhubhudla ele-ABC

Usuthu luyibhubhudle ngo 5-1 i-Eagles emdlalweni womzuliswano wokuqala kwiNedbank Cup ngoLwesibili ebusuku. 

Lokhu kunqoba ngamagoli amaningi kwenzeke ngemuva ukuthelwa ngehlazo koSuthu yiStellenbosch FC emdlalweni weligi ngesonto eledlule.

IStellies – okuxakayo ukuthi nayo beyihlulwe kanzima kwiCaf Confederation Cup – ishaye AmaZulu ngo 5-0. 

Usuthu lube selikhiphela isibhongo eqenjini lase-Eastern Cape, futhi umdlali omusha uSandile Mthethwa ushaye amagoli amathathu.

UMthethwa – ongumdlali wasemuva – uvule inkundla ngomzuzu ka-10, waphinde washaya amanye amagoli ngomzuzu ka-80 noka-87. 

Amanye amagoli ashaywe nguMlondi Mbanjwa ngomzuzu ka-20 no-Etiosa Ighodaro ngoka-31. 

Kodwa kube yiphutha likanozinti eliholele egolini le-Eagles okufanele liqedele ithimba labaqeqeshi ubuthongo. 

U-Abubaker Mobara uzame ukuphasa ibhola emuva kuRichard Ofori kodwa umdlali we-Eagles walijaha, efakela lo nozinti ingcindezi.

Ngesikhathi ezama ukulikhaba, lishaye umgadli we-Eagles uBulela Gogotya layogaxela enethini.

Ngesikhathi Usuthu luhlulwa ngo 5-0 yiStellies, uVeli Mothwa ubeshayisa ngamahloni emapalini aleli qembu, enza amaphutha amabi.

Abaqeqeshi, u-Arthur Zwane noVusumuzi Vilakazi kufanele ukuthi bebecabanga ukuthi u-Ofori angenza kangcono.

Kodwa uphinde wabanikeza okuthile abangacabanga ngakho mayelana nonozinti abanabo njengamanje.