EzintshaOrlando Pirates

Seliphinde lakhala izembe lePirates, selidle kunozinti

I-Orlando Pirates isiqhubekile nezinguquko eqenjini layo ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2026/27.

Leli qembu selimemezele ukuthi selihlukene nomunye wonozinti balo uMelusi Buthelezi.

AmaBhakabhaka amemezele ngoLwesihlanu ntambama ukuthi uButhelezi uyashiya eqenjini ngemuva kweminyaka emine kulo.

Lo nozinti wajoyina iPirates ngo-2022, waba yingxenye yeqembu elinqobe izindebe eziningi zasekhaya.

Nakuba engazange athole amathuba amaningi okudlala ngenxa yokuqina kukaSipho Chaine epalini, unconywe ngokuhlezi ezinikele.

Esitatimendeni esiqinisekisa ukuhamba kwakhe, iPirates ibonge uButhelezi ngomsebenzi awenze ngesikhathi eseqenjini.

“Iqembu lidlulisa ukubonga okukhulu kuMelusi Buthelezi ngobungcweti bakhe, ukuzinikela negalelo alifakile ngesikhathi esedlalela i-Orlando Pirates. 

“Simfisela okuhle kodwa kulesi sigaba esisha somsebenzi wakhe webhola,” kusho isitatimende seqembu.

Ukuhamba kukaButhelezi kuza ngesikhathi iPirates iqhubeka nokwakha kabusha iqembu ngaphansi kuka-Abdeslam Ouaddou. 

Sekuvele kukhululwe abadlali abaningana njengoba iqembu lilungiselela isizini entsha yeBetway Premiership.

Njengoba uButhelezi eseshiyile kwiPirates ngokusemthethweni, manje uzobe esefuna ikhaya elisha lapho ezothola khona amathuba amaningi okudlala njalo.

Khonamanjalo, i-Orlando Pirates iyaqhubeka namalungiselelo ayo esizini entsha, njengoba ilibangise ekhempini eSpain.