
IChiefs iyakwazi okumele ikwenze ukugwena ihlazo kulokhu – Du Preez
U-Ashley Du Preez, ongumgadli weKaizer Chiefs useveze umbono wakhe ngabona kufanele bakwenze ukuvika ihlazo elibenze kumasizini amabili edlule.
Lo mgadli ukholwa wukuthi kufanele balwe kusukela emdlalweni wokuqala ukuze bakwazi ukuncintisana kwiligi kulokhu.
IChiefs iphoxe abalandeli bayo kumasizini amabili edlule ngokuqeda ngaphandle kwamaqembu ayisishiyagalombili aphezulu kiwlogi — into eyihlazo ekilabhini enesithunzi njengeChiefs.
Kodwa, ngokuqala kwesizini entsha futhi njengoba iqembu ngalinye liqala kabusha, uDu Preez ukholwa ukuthi bangakushintsha konke lokho kule sizini ezayo.
“Bengingasakwazi kulinda”
“Mina, ngokwami, bengingasakwazi ukulinda ukuthi iligi iqale,” kusho uDu Preez okhuthazekile.
“Wonke umuntu uqala ngekhasi elisha. Thina, kufanele siqale silwele iligi kusukela emdlalweni wokuqala.”
Amakhosi aqala umkhankaso wawo weligi ngomdlalo onzima ekuhambeni ibhekene neStellenbosch FC.
Lo mdlalo, ngokusho kukaDu Preez — owayengumdlali weStellenbosch phambilini — uzocacisa ukuthi Amakhosi abhekephi.
“Sinesiqalo esinzima”
“Umdlalo wethu wokuqala unzima, siqala neStellenbosch… Kodwa ngicabanga ukuthi kulo nyaka singakwazi ukuncintisana kukho konke.
“Hhayi kwiligi nje kuphela kodwa nasezindebeni zonke. Kumele siqale kusukela ngosuku lokuqala futhi sinikeze u-100% ukuze sikwazi ukuncintisana.”
U-Du Preez uyazi ukuthi akukho okunye ngaphandle kokusebenza okugcwele nokwenza kahle okungenza Amakhosi abuye namaphuzu amathathu kwiStellies.
Njengoba kunabadlali abasha abayisithupha, abalandeli bazobe bemagange ukubona ukuthi iqembu elivuselelwe kabusha lizokwenza kanjani emdlalweni walo wokuqala ngeSonto.
