Ezintsha

UMwaruwaru ujatshuliswa umqeqeshi omusha weZimbabwe

UBenjani Mwaruwaru, oyinkakha yeManchester City neqembu lesizwe laseZimbabwe, uncoma umqeqeshi omusha weWarriors, uMichael Nees.

Uthi selokhu kufike lo mqeqeshi kubukeka kuza kahle njengoba kumanje iqembu lesizwe lisemathubeni amahle wokuyodlala kwiCaf Africa Cup of Nations (Afcon) eMorocco ngoDisemba.

“Umqeqeshi uMichael Nees ngiqale ngambona uma ngabe ebuyisela uKhama Billiat eqenjini lesizwe ukuthi kukhona eza nakho,” kusho uMwaruwaru. 

“Kungenze ngabona ukuthi kunesikhala asibonile nokuthi kukhona la kushoda khona kubadlali anabo. 

“UNees ufake ukuzithemba kubadlali beqembu lesizwe njengoba bebonakala manje ukuthi bayazithemba.

“Noma umsebenzi ekumele bawenze usemningi njengokuqedela imidlalo yokuhlunga bephezulu.” 

Iqembu laseZimbabwe linamaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni emine kanti lilandela iCameroon enamaphuzu angu-10.

Leli qembu laseZimbabwe lisanda kubuyela ebholeni lamazwe ngamazwe njengoba belike ladingiswa yiFifa kulandela ukungaziphathi kahle kwezikhulu. 

IFifa yathola ukuthi izikhulu eziphethe ibhola eZimbabwe zihaqwe inkohlakalo embi.

Ngesikhath idingisiwe, ibhola elikhokhelayo lafadabele kuleli lizwe elingomakhelwane.