
Kuvela okuhoxise uHuman isigubhukane kweleChan
Obengumdlali wasesiswini waMaZulu FC uRowan Human ulijikele esiswini njengotshwala iqembu lesizwe elidlala kwi-African Championship of Nations (Chan).
UHuman kufanele ukuthi ubengomunye wabadlali umqeqeshi uMolefi Ntseki abethembele kubo ukusiza iqembu lakhe kulo mqhudelwano ose-Uganda, Tanzania neKenya.
Kodwa uvele wahoxa ngomzuzu wokugcina futhi manje sekuvelile ukuthi lokhu kungenxa yokuthi usezingxoxweni zokufudukela eqenjini lase-Albania i-FK Partizani.
Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala ushiye iqembu lesizwe sekusele usuku olulodwa ukuthi lilibangise eKampala, e-Uganda la lizinze khona jengoba lidlala imidlalo yamaqoqo.
Manje kubikwa ukuthi ukuhoxa kwakhe ukwenzele ukuthi aphothule kahle izingxoxo nalezi zinkunzi zase-Albania.
UHuman utholakala mahhala njengoba engenalo iqembu anenkontileka nalo njengamanje kulandela ukuhlukana kwakhe noSuthu.
Uhlukane naleli qembu laKwaZulu-Natal kulandela ukuthi bengavumelananga ezingxoxweni zokuvuselela inkontileka.
Yize iqembu elisha kwiBetway Premiership, iDurban City nayo ike yaveza intshisekelo yokumsayina, iFARPost ibika ukuthi iPartizani yiyo ehamba phambili njengamanje.useqinise izingxoxo.
Leli qembu elidume ngeleRed Bulls futhi elizinze eTirana, lingelinye lamakilabhu anomlando omuhle e-Albania.
Liziqhayisa ngezicoco zeligi ezingu-17 nomlando wokuvela njalo emiqhudelwaneni ye-Uefa yize lingakaze liye kude kuyo.
FUNDA NALA | KUNGANI BEBENGEKHO ABASHA BECHIEFS
Kodwa-ke, sekunesikhashana lagcina ukunqoba isicoco seligi njengoba lasigcina ngesizini ka-2022/23.
Manje kuvela ukuthi libunjwa kabusha ngaphansi komqeqeshi omusha odabuka eSerbia uMladen Milinkovic.
I-Partizani izoqala isizini yayo ibhekene neVora ngo-Agasti 23 futhi ifuna uHuman abe sekhempini yemidlalo yayo yokugcina yobungani yangaphambi kwesizini.
Leli qembu selivele linabo abadlali abadabuka e-Afrika njengoba kukhona abaseSenegal, Nigeria, Gambia naseCongo.
