EzintshaOrlando Pirates

IPirates imataniswa nesikwibhisi saseZimbabwe

Imibiko yakamuva iveza ukuthi lezi zikhondlakhondla zaseSoweto zifuna ukusayina uPrince Ndlovu weHighlanders FC. 

Lo mdlali osemncane, useke wazilolonga ne-Orlando Pirates ngoMashi ka-2023, kanti leli qembu lilokhu limbeke iso kusukela lapho.

Ngaleso sikhathi uNdlovu wayeneminyaka engu-16 nje kuphela kanti kubikwa ukuthi wayelungiselela ukuthuthela e-Europe. 

Nokho, lokho akuzange kwenzeke. Izinhloli ze-Orlando Pirates ziqhubekile nokumqapha ukuthi uqhuba kanjani kwiHighlanders FC yaseZimbabwe.

“Uziqeqeshe ne-Orlando Pirates eminyakeni emibili edlule eseneminyaka engu-16. 

“Kwakubhekwe ukuthi athuthele e-Europe, kodwa kwangenzeka,” kucashunwe umthombo usho kanje kwiSoccer Laduma

“Kusukela lapho, izinhloli bezilokhu zimqaphile, futhi zachazeka yindlela athuthuke ngayo. 

“Bakholwa ukuthi manje uselilungele elinye ithuba lukukhuphukela ezingeni elilandelayo.”

Lo mdlali oneminyaka engu-18 ubudala uqhubekile nokudlondlobala futhi manje usebizelwe eqenjini lesizwe laseZimbabwe.

Uzoba yingxenye yeqembu leWarriors elizodlala kwiCosafa Cup eNingizimu Afrika ngenyanga ezayo.

Umthombo wesibili uqinisekisile: “UNdlovu uzobe edlala kwiCosafa Cup. 

“IPirates ibona lokhu njengethuba elihle lokumhlola eseduze endaweni yokuncintisana. 

“Izinhloli zabo nethimba labaqeqeshi kubikwa ukuthi bajabule ngaye.”

UNdlovu usefaniswe nenkakha yaseZimbabwe eyazakhela igama e-England, uPeter Ndlovu. 

I-Orlando Pirates, elungiselela imiqhudelwano eminingi ngesizini ka-2025/26, kulindeleke ukuthi isayine abadlali abaningi ukuqinisa iqembu.

Leli qembu selivele kuthiwa lisayine abadlali abayisithupha yize bengakamenyezelwa ngokusemthethweni. 

Izodlala kuzo zonke izindebe zakuleli neCaf Champions League ngesizini ezayo.