
Kusolwa ukwenzelela ekuqokweni kwabadlali kwiKaizer Chiefs
Abaqeqeshi beKaizer Chiefs uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef sebethole ukuagxekwa ngomunye wabadlali bakudala bale kilabhu.
Ingwazi yaMakhosi u-Abel Shongwe idedele ibhomu, ithi kukhona ukukhetha iphela emasini okwenzeka ekhempini yaleli qembu.
Ukholwa ukuthi abanye abadlali bahlaliswa ebhentshini ngaphandle kwesizathu esicacile — okuyinto “ebulala uzinzo eqenjini”.
UShongwe uthi udidwe yindaba kaZitha Kwinika ovele wabiyiselwa ebhentshini esikhaleni nje emidlalweni yakamuva.
“UKwinika ubeqala imidlalo futhi ubedlala kahle impela,” kusho uShongwe ekhuluma nabeKickOff.Com muva nje.
“Manje usesebhentshini ngoba nakhu kubuue u-Inacio Miguel?. Ngisiphi isizathu esihle?”
Akazange ame lapho. UShongwe uveze ukungabaza nesinqumo sokubeka eqhulwini umdlali osemncane oyinxele u-Aden McCarthy.
“Yilokho okucekela phansi iqembu — abadlali abadlala kahle babekwa eceleni ukuze nje kuqaliswe izintandokazi zabathile.”
Uphinde wapopola nokwenzeka ngoGlody Lilepo athi akukho okubambekayo akwenzela iqembu.
“Yebo, usebenze kanzima bebhekene no-AS Simba. Kodwa akumele ngabe uqala imidlalo emikhulu,” kugcizelela uShongwe.
“Ukuthatha kwakhe izinqumo kuyinkinga. Lapho kufanele aphase khona, uyakhahlela. Lapho kufanele akhahlele khona uyaphasa.”
Yize iChiefs isanda kunqoba imidlalo yakamuva kwiBetway Premiership ukuze ibuyele endaweni yesithathu kwilogi, uShongwe akagculisekile.
“Ukukhuluma iqiniso elimsulwa nje alikho ibhola elidlalwa iChiefs. IChiefs ayikaqali ukudlala,” kuqhuba yena.
“Isibonelo nje… umdlalo weSundowns ne-Orlando Pirates — yiwona mdlalo owasibukisa ibhola langempela.”
UShongwe ukholwa ukuthi abaqeqeshi basabamba beyeka, abakayazi indlela okufanele benze ngayo izinto ukuze kube nozinzo.
“Abaqeqeshi nabo basacinga ukuthi balihlanganise kanjani iqembu. Abakabaqondi kahle abadlali babo.”
FUNDA NALA | UMaema uphawuma ngokushiywa dengwane uDavids
IKaizer Chiefs inamaphuzu esikhwameni, kodwa uShongwe uthi isasele ngemuva kakhulu kwiPirates neSundowns, ngokwesitayela nangesakhiwo seqembu.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
