EzintshaKaizer Chiefs

ICR Belouizdad ibamba iyayeka ngoKhanyisa Mayo

Ikusasa lomgadli waseNingizimu Afrika u-Khanyisa Mayo kwi-CR Belouizdad lisalokhu lingacaci njengoba leli qembu lingakasithathi isinqumo ngaye.

Kubikwa ukuthi umengameli omusha waleli qembu lase-Algeria, uMohamed Belhadj, ubeke phambili ukulungisa izindaba ezithinta ithimba labaqeqeshi ngaphambi kokubheka udaba lwabadlali.

UBelhadj kulindeleke ukuthi athole umbiko ogcwele mayelana nabo bonke abadlali abaseqenjini nalabo ababolekiswe kwamanye amakilabhu.

Ngemuva kokubuyekeza lowo mbiko nokuphothula izindaba zokuqeqesha, kuzobe sekuthathwa isinqumo ngekusasa lalo mgadli.

U-Khanyisa Mayo wajoyina i-CR Belouizdad kubhekwe lukhulu kuye kulandela ukwenza kahle kwiCaoe Town City.

Kodwa ubhekane nokuncintisana okunzima ukuze athole indawo eqenjini eliqala imidlalo.

Njengoba iqembu lingena esigabeni esisha ngaphansi kobuholi obusha, uMayo nabanye abadlali kuzomele balinde kuze kube yilapho ubuholi sebucacisa ngezinhlelo zalo zesizini ezayo.

Okwamanje, ikusasa lika-Khanyisa Mayo kwi-CR Belouizdad lisamile njengoba iqembu liqale ngokulungisa izindaba ezithinta ithimba labaqeqeshi.

Ngesizini edlule lo mgadli ubebolekiswe kwiKaizer Chiefs kuleli, kodwa izinto azangahamba ngendlela abengafisa ngayo.

IChiefs beyinegunya lokumsayina ngokugcwele, kodwa kuvele ukuthi ayichazekanga ngokwanele ngaye ukuthi ingamkhiphela imali.