
ISundowns ‘isiyigilile’ iPirates ibamba ufishi omkhulu
I-Mamelodi Sundowns isiqinisekise ngokusayinisa umdlali wasophikweni obeyintandokazi yamaqembu amaningi, uSiyanda Ndlovu, oqhamuka kwiGolden Arrows.
Bekubikwa ukuthi uNdlovu ubesecishe wajoyina i-Orlando Pirates, waze wenza nokuhlolwa kwezempilo.
Kodwa-ke, kubikwa ukuthi ugcine enqabe inkontileka abeyinikezwe yiPirates.
Lokho kuvulele iSundowns ithuba lokuthi imsayinise, njengoba nayo ibisinesikhathi imlandela.
Ekugcineni lo mdlali uvumelene nemibandela yeBrazilians wajoyina lezi zinkunzi zasePitoli.
UNdlovu ugqame kakhulu ngesizini edlule ngomgqigqo omuhle kwiGolden Arrows, lapho azakhele khona igama njengomunye wabadlali abancane abahle kakhulu kwiBetway Premiership.
I-Mamelodi Sundowns iqinisekise ukufika kwakhe ngesitatimende esifushane ezinkundleni zokuxhumana.
“USIYANDA NDLOVU USEYELLOW. IMamelodi Sundowns yamukela uSiyanda Ndlovu njengomdlali wakamuva eqenjini!,” kubhala iSundowns.
- FUNDA NALA | UShalulile uveza okwenze ashiye kwiDowns
Kulindeleke ukuthi uNdlovu engeze ijubane, ubuhlakani nekhono lokwakha amathuba esiswini se-Mamelodi Sundowns njengoba iqembu lilungiselela isizini entsha.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
