
Imenenja kaPitso icacisa okwenzeke kwi-Esteghal
UMoira Tlhagale, oyimenenja kaPitso Mosimane, usekhulume ngokushiya kwalo mqeqeshi isigubhukane eqenjini lase-Iran i-Esteghlal.
UMosimane uhlukane naleli qembu ngoJanuwari ngenxa yokungakhokhelwa kwakhe nethimba lakhe ebelimlekelela ekuqeqesheni.
Isikhulu esiphezulu se-Esteghlal ngokuhamba kwesikhathi simgxekile uMosimane, sangabaza nenkhono lakhe lokuqeqesha.
UTlhagale utshele i-iDiski Times ukuthi usakhungathekile ngendlela indaba yokukhokha eyenzeka ngayo.
“Angazi namanje, angazi ngempela,” usho kanje. “Umqeqeshi ubegxile emsebenzini wakhe.
“Kwathi kungazelelwe, kwaba nenkinga mayelana namaholo angakhokhelwa.
“Ngokuhamba kwesikhathi, sanquma ukuthi ngeke sikwazi ukuqhubeka.”
Ukuqinisekisile ukuthi sebesezinhlelweni zokulufaka kwiFifa lolu daba lokungaholelwa kwabaqeqeshi bakhe.
“Kunezinqubo zeFifa okufanele zilandelwe,” kuchaza uThlagale. “Uma usunqamule inkontileka, kufanele ucele inkokhelo.
“Uma lokho kungenzeki, ube sewukhuphukela kwiFifa. Sisezinhelweni zokufaka isimangalo.”
Isikhathi sikaMosimane kwi-Esteghlal sibe yizinyanga ezimbalwa nje kuphela.
Ngaphambi kwalokho, waba nesikhathi esifushane kwi-Al Wahda e-UAE, esaphela ngoNovemba 2023.
Ubuye waqeqesha iqembu laseSaudi Arabia i-Al Ahli, alinyusele kwiPro League ngo-2023.
Iminyaka yakhe yempumelelo enkulu yeza ngesikhathi ekwiMamelodi Sundowns ne-Al Ahly.
KwiSundowns, wawina izicoco eziningi zakuleli neseCaf Champions League ngo-2016.
Kwi-Al Ahly wanqoba izicoco zeChampions League kulandelana ngo-2020 nango-2021.
Manje, uMosimane akanaqembu futhi abalandeli bamagange ukubona ukuthi inselelo yakhe elandelayo izoba kuphi.
