
Ithuba lePirates kweseligi, u-TLB Mbokazi uyaphawula
UMbekezeli “TLB” Mbokazi usezakhele igama ngokushesha kwi-Orlando Pirates futhi ungomunye wabadlali okukhulunya ngabo njengamanje ebholeni lakuleli.
Lo mfanyana onminyaka engu-19 odabuka eHluhluwe ukhombisa ikhono elihle kakhulu emuva kwi-Orlando Pirates.
Uqale ukudlala emasontweni amabili edlule kulandela ukukhushulelwa eqenjini elikhulu esuka kweleDStv Diski Challenge (DDC).
Kodwa indlela asefike wadlala ngayo uMbekezeli Mbokazi ngathi kudala abakhona eqenjini likaJose Riveiro futhi useqokwe njengoMdlali oVelele kwaze kwakabili emidlalweni emithathu.
Uphinde wayiqinisa indawo yakhe ezinhliziyweni zabalandeli hhayi abePirates nje kuphela, ngesikhathi behlula iMamelodi Sundowns ngeSonto.
IPirates ijikele iSundowns kuhle kotshwala esiswini, isijahisa u 2-0 zisuka nje emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium ngeSonto.
Kulo mdlalo uMbekezeli Mbokazi uthathe isihlabani esisatshwayo seSundowns, uLucas Ribeiro, wasifaka ephaketheni umdlalo wonke.
Uze waphela umdlalo kungekho okutheni uRibeiro akwenzile, futhi uMbekezeli Mbokazi uqokwe njengoMdlali oVelele.
Ngemuva komdlalo ubuzwe ngamathuba abo okunqoba isicoco seligi, basihlwithe sesisemlonyeni kwiSundowns.
“Okweligi ngeke ngikhone ukukhuluma ngakho kakhulu. Kodwa siyalwa, siyafuna ukuyithatha.
“Sizoyilwela ngayo yonke indlela,” kusho uMbokazi ekhuluma nabeSuperSport TV ngemuva komdlalo.
IPirates beyiye kulo mdlalo ingathenjiwe kwazise iqhwantalaze yaze yagcina idlale ngokulingana ibhekene neStellenbosch FC phakathi nesonto elidlule.
UMbokazi uthi yikho lokho kungethenjwa okubafake umfutho wokuthi basebenze ngokuphindiwe ukuze bageze igama labo ngeSundowns.
“Emdlalweni odlule asidlalanga kahle futhi size kulo singasethenjwa,” kuvuma lo mdlali oseqanjwe elika-TLB – Isixaxa.
“Abaningi bebethi sizohlulwa kulo mdlalo wanamuhla (ngeSonto) kodwa sathi sifuna ukubagwinyisa lawo mazwi.
“Size sizodlala ngokukhulu ukuzikhandla nokuzimisela ukuze bonke abazitshela ukuthi ngeke senze kahle, bavaleke imilomo.”
