EzintshaOrlando Pirates

I-Orlando Pirates idoba ufishi omkhulu kwiStellies

Imibiko yakamuva iveza ukuthi leli qembu elicijwa ngu-Adbeslam Ouaddou lisha amashushu ngo-Andre De Jongh futhi izingxoxo sezisezingeni eliphezulu. 

Lo mdlali odabuka eNew Zealand uyikhongco elibalulekile kwiStellies, kodwa kubukeka esezoshintshela kwi-Orlando Pirates. 

Usedlale imidlalo engu-103, washaya amagoli angu-16 kusukela ajoyina leli qembu likaSteve Barker.

Ukudlala kahle kwakhe endaweni kaNamba 10, elandela ngemuva abagadli yikho okuhehe amehlo ePirates kuye. 

Isikhulu seStellies, uRob Benadie sicashunwe kwi-iDiski Times siveza ukuthi basenethemba lokubambelela kuDe Jong. 

“Lutho, leso sivumelwano asikaqedwa, kodwa kungenzeka siphothulwe emahoreni ezayo. Okwamanje akukaqedelwa futhi sithemba ukuthi uzohlala la kithi.” 

Khonamanjalo, obengumgadli we-Orlando Pirates, uZakhele Lepasa usejoyine iSiwelele FC futhi kungenzeka adlale okokuqala uma seyibhekene nePirates ngoLwesibili.

Lamaqembu azogadulisana emdlalweni weBetway Premiership eToyota Stadium eBloemfontein ngoLwesibili ebusuku.