
Ithe igiya iSundowns, uRibeiro wabe ‘ekhihla isililo’
Obengumdlali we-Mamelodi Sundowns u-Lucas Ribeiro Costa ubhekane nokuphoxeka nobuhlungu benhliziyo eSpain ngesikhathi iqembu lakhe langaphambili lanqoba i-Afrika.
Ikilabhu kaRibeiro yaseSpain, iCultural Leonesa, idliwe yizembe kwiLaLiga 2 ngemuva kokuhlulwa ngo 2-0 yiBurgos ngeSonto.
Lo mdlali waseBrazil udlale yonke imizuzu engu-90 kodwa akakwazanga ukusiza iLeonesa ukuthi ivike izembe.
Lo mphumela ubashiye endaweni yesibili ukusuka emsileni ngamaphuzu angu-36 emidlalweni engu-41.
Kuphawule ukuphela okubuhlungu komkhankaso onzima ku-Lucas Ribeiro, ojoyine leli qembu ngemuva kokuhlukana ne-Mamelodi Sundowns.
Izinto ziqale zabukeka zithembisa. URibeiro uhlabe umxhwele ezinyangeni zokuqala zesizini.
Waze wathola umklomelo womdlali ovelele wekilabhu ngoNovemba ngemuva kokushaya amagoli amabili.
Nokho, isizini yeCultural Leonesa ibe seyivele ibheda kakhulu ngemuva kwalokho, yathola imiphumela engemihle.
Manje umbuzo omkhulu ukuthi ingabe u-Lucas Ribeiro uzohlala yini kuleli qembu adlale esigabeni sesithathu noma uzofuna elinye iqembu.
Ngokuqondana nje kwezinto, ukudliwa yizembe kwezikaRibeiro kwenzeke ngosuku iSundowns enqobe ngalo iCaf Champions League.
AMasandawana anqobe le ndebe okwesibili ngemuva kokunqoba ngo 2-1 sekuhlanganiswe imiphumela, ihlula i-ASFAR yaseMorocco.
Ngenkathi i-Mamelodi Sundowns igubha le mpumelelo, u-Lucas Ribeiro yena ubedliwa wusizi lokudliwa yizembe eSpain.
