EzintshaKaizer Chiefs

UFrosler uchaza ngegoli elimangazayo alishaye koweChiefs

UReeve Frosler ushayele iKaizer Chiefs igoli layo behlulwa ngo 2-1 yiVitesse Arnhem kowobungani eSportspark Driel eNetherlands ngoLwesibili.

Ekhuluma ngalelo goli – okube yishodi alidedele ekude nepali – uthe ukulalela okumsizile.

UFrosler uthole ibhola engaphandle kwebhokisi, wabe esededela ishodi eliye ekhoneni eliphezulu ngomzuzu ka-37 okwenze iqembu lakhe lihambe phambili.

“Ngithole ibhola, othile wathi, ‘khahlela!’. Ngibe sengicabanga, ‘kulungile, ake sizame sibone’,” kusho uReeve Frosler kwiwebhusayithi yeKaizer Chiefs.

Nokho iVitesse ibuyile ngesiwombe sesibili. Elokuqala kube wumkhonto ogwaza ekhaya kaDillon Solomons.

Kwathi ngokuhamba kwesikhathi u-Andy Visser wagxumela ebholeni engaphakathi kwebhokisi ukuze ashaye ibhola alizwe ngendaba uBruce Bvuma.

Yilo leli goli elenze kwaba u 2-1 futhi lanqobisa leli qembu laseNetherlands elidlala esigabeni sokuqala phambi kwabalandeli balo ababalelwa ku-2 000.

IChiefs idlale amaqembu amabili ahlukene esiwombeni ngasinye, kanti abadlali bayo abathathu kuphela kwabasha abathole ithuba.

Esiwombeni sokuqala, uThabiso Monyane nomgadli omusha uFlavio Silva baqale umdlalo. Kucacile nokho ukuthi abakajwayelani nozakwabo.

Esiwombeni sesibili kube yithuba lomdlali wasemuva kwesokunxele uNkanyiso Shinga nomdlali wasesiswini ohlaselayo u-Ethan Chislett.

  • Ibibophele kanje iKaizer Chiefs isiwombe sokuqala: Peterson – Monyane, Miguel, McCarthy, Frosler, Vilakazi, Shabalala, Mthethwa, Cele, Ngcobo – Da Silva
  • Esiwombeni sesibili ibibophele kanje: Bvuma – Solomons, Shinga, Kwinika, Cross – Sirino, Zwane, Matlou, Chislett – Du Preez, Morris. 

Umdlalo olandelayo wokuzilolonga weKaizer Chiefs uzoba seGarderen ngoLwesihlanu la izobhekana khona neFC Utrecht.