
Ucacisa eyokubaluleka kwekhempu ye-Orlando Pirates
I-Orlando Pirates itheleke eMarbella, eSpain ekuqaleni kwaleli sonto ukuze iqale ikhempu yayo yokuzilolongela isizini entsha.
Ifike seyikulungele ukwakha isisekelo salokho okuthembisa ukuthi kuzoba ngomunye umkhankaso onzima kuleli qembu laseSoweto.
Iphini lomqeqeshi uMandla Ncikazi seliveze inhloso ngqangi yale khempu, ligcizelela ukubaluleka kwayo.
Lokhu njengoba i-Orlando Pirates ibheke ukwakhela empumelelweni yangesizini edlule la inqobe indebe eyodwa, futhi yenza kahle kwiCaf Champions League.
“Okwanamuhla wukuzinza nokulula imizimba, kodwa kusukela kusasa uyasuka umshikashika,” kusho uNcikazi ngesikhathi iqembu lifika.
“Ngesizini edlule leli qembu lidlale imidlalo engu-52 — lokhu kuwumthwalo omkhulu.
“Lowo mthwalo ungamelana nawo kuphela ngokuthi ube nohlelo oluphelele lokulungiselela kahle. Isizini ezayo izoba nzima nakakhulu.”
UNcikazi ugcizelele ukuthi ukuhlanganisa abadlali abasha ngokushesha kuzoba wukhiye ekushayeni ekutheni bawuqala kanjani umkhankaso weBetway Premiership.
I-Orlando Pirates isihlele kabusha isikwati sayo
I-Orlando Pirates yenze kakhulu emakethe njengoba seyivelwe ithenge futhi yethula abadlali abasha abayisishiyagalombili.
Kubona kukhona laba:
- Sipho Mbule
- Sinoxolo Kwayiba
- Tshepo Mashiloane
- Oswin Appollis
- Nkosikhona Ndaba
- Tshepang Moremi
- Sihle Nduli
- Yanela Mbuthuma
Kukhona nabanye abangakethulwa ngokusemthethweni kodwa okukholakala ukuthi bakhona eqenjini, kanti abanye basele eNingizimu Afrika.
Leli thimba labadlali abasha lizobe liqashwe ngeso lokhozi njengoba lihlanganiswa nezinsika zePirates okukhona kuzo oPatrick Maswanganyi, Evidence Makgopa, noThalente Mbatha.
I-Orlando Pirates inemidlalo emikhulu zokuzizwa amandla
Ikhempu yePirataes eMarbella ihlanganisa imidlalo yobungani emine yokuzizwa amandla ngaphambi kokuqala kwesizini.
Le midlalo izosiza ithimba labaqeqeshi ukuhlola ukuzwana kwabadlali, nokuthi bayayibamba yini indlela elifuna badlale ngayo
Ihlelwe kanje le midlalo ezodlalwa yi-Orlando Pirates eSpain:
- 🆚 Bolton Wanderers (England) – July 11
- 🆚 Pafos FC (Cyprus) – July 13
- 🆚 UD Las Palmas (Spain, Segunda División) – July 17
- 🆚 Granada CF (Spain, Segunda División) – July 19
Njengoba kulindelwe lukhulu kwiPirates ngesizini ezayo, isebenzisa le khempu ukuqinisa wone amabhawodi.
ISea Robbers seyizinzile kwikhempu yayo eSpain. Manje sekuyisikhathi sokulola izinkemba zawo ukulungiselela ukuphanga izindebe.
