
Akuthusi lokhu okushiwo uMokoena, uvele ‘uyiva’ kwiDowns
- Sibongiseni GUMBI
Bekungekhona okokuqala uMokoena ekhuluma ngendlela enobudlabha, nengagcina ingccolisa igama leqembu.
Wakwenza nangesikhathi bebuya kwi-Afcon e-Ivory Coast, ekubeka esidlangalaleni ukuthi yena ungumlandeli omkhulu kaJulius Malema ne-EEF.
Ungangizwa kabi, lokhu kuyilungelo lakhe. Kodwa njengoba kuhlezi kushiwo, ivoyi lomuntu liyimfihlo ngakho asikho isidingo sokulimemezela esidlangalaleni.
Lokhu ukwenze kade kuvele kubhekwe okhethweni, okuyinto ephambanayo nemithetho yokuziphatha kwabadlali eqenjini.
Njengomdlali webhola elikhokhelayo, akumele akuveze obala ukuthi yena weseka liphi iqembu lepolitiki. Kodwa yena wakwenza.
Nakhu manje usephahlukile, wenza sengathi uyancokola ebe edelela iSundowns nabalandeli bayo ngendlela exakile.
Ngiyabezwa nje abathi ubezidlalela, abanye bathi ubengaqondile ukuhlambalaza iSundows kodwa ubebhekise kwiBafana Bafana.
Noma ngabe kunjalo, bekungafanele aze akusho lokho. Sekukhona abasola nombuzo ukuthi ububuzelwani, ubuvele umholela ophathe.
Kulungile-ke, umbuzo ubumyenga, umdobela ekutheni akhulume into engase imfake ehlazweni, pho yena uwuphenduleleni.
Njengomdlali osemdala kwiBafana, nakwiSundowns, bekumele azi ukuthi eminye imibuzo uyiphendula ngempendulo emfishane.
Isibonelo nje. Uma ebuzwa lo mbuzo, ubengaphendula athi, ‘Impela kwaba mnandi ukushaya lawa magoli. Kuhlezi kumnandi ukushaya igoli elisiza iqembu linqobe.”
Iphele lapho indaba. Nangenyanga edlule indlela ajabulela ngayo lamagoli yakhombisa ukuzazisa nokuthumela umlayezo kubaqeqeshi beSundowns.
Phela ngaleso sikhathi ubengadlali kwiSundowns, kanti akhona amahlebezi athi lokho bekungenxa yazo izinkinga zokuziphatha.
Kuke kwavela amahlebezi okuthi ubengomunye wabadlali abangahambisananga nesinyathelo seqembu sokuxosha uRulani Mokwena.
Lokho wakukhombisa noma sesithathiwe isinqumo sadlula, yena wasala eqhubeka nokukhombisa ukungenami kwakhe.
Uma nalokhu kuyiqiniso, kuyacaca ukuthi kuzomele ajike indlela aziphatha ngayo ngoba uzogcina eseyiqaqa kubalandeli beSundowns.
